Afcon 2023Ezakamuva

UJordaan uqeda konke ukuqagela ngoHugo Broos kwiBafana

Umengameli weSouth Africa football Association (Safa), uDanny Jordaan, uthi uHugo Broos uzoqhubeka nokuba umqeqeshi weBafana Bafana.

Usho lokhu ngesikhathi iqembu lesizwe lakuleli litheleka esikhumulweni sezindiza, i-OR Tambo, ngoLwesithathu, ngemuva kohambo olube yimpumelelo lwase-Ivory Coast.

IBafana Bafana ibuye nezindondo zethusi kalandela ukuphuma isithathu kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023.

Ishaye iDemocratic Republic of Congo ngo 6-5 kumaphenathi, emdlalweni wokugcina ophele ngo 0-0 emizuzwini engu-120.

“Akayibalekeli impi (uBroos). Ubelokhu ephikelela ukuthi iqembu alakhayo lingawina,” kusho uDanny Jordaan esithangamini nabezindaba.

“Uhambo lwethu lusazoqhubeka. Siyabonga kakhulu ngemizamo yakho, luselude uhambo esizobhekana nalo.”

Abalandeli bebhola baseNingizimu Afrika (abaningi) bebengayinike lutho iBafana Bafana kwi-Afcon.

Abanye bebelibeka ngembaba elokuthi izodlala imidlalo yamaqoqo kuphela bese ibuyela ekhaya.

Nokho uHugo Broos ubageze ubebebe ngokufinyelela kweyandulela owamanqamu neqembu lakhe ebelibophele abadlali abaningi abagijima kwiDStv Premiership.

IBafana Bafana isazodlala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026, futhi maningi amathuba ukuthi izokwenza kahle ngemuva kokuzimisela ekubonakalise kwi-Afcon.

Ukhuluma kanjena nje uJordaan kunamazwe acuthile ukubona ukuthi iSafa yenza njani ngoBroos. 

Phela nawo acuthile ukuthi uma eke wadedelwa nje, agxume ahlale amlande ukuba azowavusela amaqembu awo nawo.