EzakamuvaIbhola

Khanye: ‘Unompempe uyenzelele ngabomu iChiefs kowomkhaya’

UJunior Khanye usesole unompempe obedlalisa umdlalo womkhaya baseSoweto ngokwenzelela. 

Le nsizwa, , eyake yadlala kwiKaizer Chiefs futhi esizakhele igama ngokuba ngumhlaziyi ozimele webhola kuleli, ikhala ngezinqumo zikaJelly Chavani obephethe lo mdlalo.

Kugcine kunqobe i-Orlando Pirates ngo 3-2 njengoba ikwaze ukubuya kade seyilandela ngemuva kwaze kwaba kabili. 

Phakathi kwezinqumo ezishiye imibuzo kube ngesokuhlawulisa uYusuf Maart ngekhadi eliphuzi kade edlalise kabi uMonnapule Saleng.

Lokhu kwenzeke umdlalo kade usanda kuqala kanti bekuzosinda kakhulu kuMakhosi ukube umnike ikhadi elibomvu ebelimfanele.  

UJunior Khanye akanelisekanga futhi usekhiphe okusesifubeni sakhe ngezigameko athi zikhombise ukwenzelela kukanompempe. 

“Cabanga ukube iPirates ayiwinanga. IKaizer Chiefs bekufanele ikhishelwe ikhadi elibomvu kulo mdlalo, uMaart udlale kabi kakhulu,” kusho uKhanye kwi-iDiski Times.

“Noma yini engaphezulu kwedolo, empeleni noma yini engaphezulu kweqakala yikhadi elibomvu. 

“(UMaart) Ushiye ibhola wanyathela umfana wabantu ngendlela ebingamphula ithambo kabuhlungu. 

“Ngeke ngisho ukuthi unenhlanhla ngoba ngicabanga ukuthi uJelly Chavani ubekwazi kahle akwenzayo. 

“Ngisho ngabe (uChavani) akasibonanga kahle sigameko umsizi wakhe nesikhulu sesine bebeseduze futhi babone yonke into.

“Kodwa bebekwazi abebekwenza. Akulungile neze,” kuphawula le nsizwa esizakhele izitha nabalandeli ngokukhuluma kwayo amaqiniso. 

Uphinde wakhala nangamaphenathi amaththu iPirates encishwe wona esiwombeni sokuqala abezokwenza iye ekhefini seyikude kakhulu. 

“I-Orlando Pirates bekufanele ibe namaphenathi amathathu… Eyodwa kube yila (uTshegofatso) Mabasa ephushwe esebhokisini.

“Ngiqonde ukuthi umuntu uqhamuka ngemuva esedudula nje, akubangwa bhola… iphenathi leyo. 

“Enye kube yibhola elishaye isandla sikaFrosler.” UJunior Khanye akacacisanga ke nokho ukuthi usho ukuthini uma ethi unompempe wenze ngamabomu.

Kodwa kuyacaca ukuthi yizinsolo ezinzima lezi azenzayo zokuthi unompempe wenzelele iqembu elithile ngabomu.