‘Kwamina kumele ngibe ngcono,’ kusho uRulani ebuzwa ngoLorch
Kuyacaca ukuthi kusazomele asebenze kanzima uThembinkosi Lorch ukuchaza umqeqeshi wakhe omusha uRulani Mokwena.
Lo mqeqeshi useveze imizwa yakhe ngabadlali bakhe ababili abathenge ngoJanuwari okungoThembinkosi Lorch noMatias Esquivel.
Bobabili laba badlali banikiwe isikhathi ngesikhathi iMamelodi Sundowns ibambana ngo 1-1 ne-Orlando Pirates eLoftus Versfeld ngoMgqibelo.
Ngesikhathi abalandeli beSundowns bebemshayela izandla, bemenza azizwe emukelekile uLorch, abePirates bebemhhahhameza.
Lo mdlali ubegijima kwiPirates udlale imizuzu engu-60 kulo mdlalo, wakhishwa kwangena u-Esquivel ojoyine iSundowns esuka kwiClub Atlético Lanús yase-Argentina.
“Sonke singenza kangcono, siqale ngami njemqeqeshi,” kusho uRulani Mokwena ngemuva komdlalo.
“Ngisho nabadlali abasha abasayinisiwe bangenza kangcono. Kunzima futhi ngisiqonda isimo ngoLorch.
“Ingcindezi, izinkulumo nokudlala neqembu lakhe lakudala. Zonke lezo ezinye zezinto ebezimcindezela.
“UMatias Esquivel usadinga ukuzijwayeza iligi nendlela esifuna ukudlala ngayo.
“Ngakho lokho kunzima kuye futhi nolimi alwenzi kube lula kodwa sonke singaba ngcono futhi umuntu wokuqala okufanele athuthuke yimina.”
URulani Mokwena ukuvezile ukuthi selokhu afika kwiSundonws, ubeqala ukuyibona ihluleka kanyeka ukudlala.
ISundowns izithole icindezeleka, ingakwazi ukulawula ibhola ngendlela ejwayele ngayo.
FUNDA NALA: Uzonikwa imizuzu embalwa uMfundo Vilakazi koweRoyal AM
Abanye basole lokhu ekutheni ubengekho uThemba Zwane okunguye ungqondongqondo weminyakazi yeSundowns.

