Ezakamuva

UMosimane uneminjunju ngokuhilizisana kwakhe neSundowns

SIHLE NGUBO

Impi phakathi kweMamelodi Sundowns nomqeqeshi uPitso Mosimane, ibukeka iyinto engeke iphinde iphele njengoba begqigqisana enkantolo.

Ukungaboni ngaso linye kwaqala ngesikhathi uMosimane eshiya kwiSundowns eya kwi-Al Ahly ngo-2020, nokuyilapho kwabangwa khona imali elinganiselwa ku-R8 million okwakuthiwa kumele ibuyiswe uMosimane.

Lo mqeqeshi usephumele obala wathi le nto ayimphethe kahle emoyeni.

“Ngambona u-Arsene Wenger ebuyela kwi-Arsenal. Kwakuyinto enhle. Ngifisa ukuthi ngingenza into efanayo kwiSundowns,” kusho uMosimane kwiRadio 2000.

“Kodwa angikwazi ukubuyela laphaya ngiphuze itiye. Kubuhlungu. Kodwa khumbula, yimina ummangalelwa kuleli cala.

“ISundowns yangisa enkantolo, hhayi ukuthi kwenzeka ngenye indlela. Bangisa enkantolo nomndeni wami.”️

UMosimane uhlale iminyaka eyisishiyagalombili kwiSundowns wanqoba nayo iCaf Champions League nezinye izindebe.

“Ngifisa ukuba le nto sibhekane nayo ngendlela ehlukile. Kungani siya enkantolo, kungani singakhulumi, nakanjani singakhuluma,” kusho lo mqeqeshi ohlonishwayo e-Afrika.

“Manje ngibonakala njengomuntu oqole iqembu. Kodwa uma ufunda amaphepha uzobona into ehlukile.

“Kubuhlungu ngoba ngangikwiSundowns ngezikhathi ezihlukene nezinzima. Ngangikhona noDr Itsweng, uJudge Moseneke, uZola Mahobe nangesikhathi iStandard Bank ithatha iqembu, kanjalo nangesikhathi kusekhona uKroks noTschiclas.

“Nganqoba indebe yokuqala. ISundowns yimpilo yami kodwa kubuhlungu indlela izinto esezenzeke ngayo. Kodwa kulungile.

“Ngifisa ukuthi ngingakhuluma nomengameli weCaf (uPatrice Motsepe) kulesi sikhathi. Kodwa impilo iyaqhubeka. Akumina owubhongoza kule nto, ngiyazivikela nje.

“Angikaze ngicabange ukuthi singaya enkantolo neqembu engake ngagqoka ijezi lalo, ngaphinde ngaba nesandla ekutheni lithole inkanyezi, ngalishiya linqobe izindebe ezintathu. Ngidumele kodwa yimpilo.”