‘Kuyicala ukungena kuphunywa,’ kusho uKomphela kwabeSwallows
USteve Komphela, obengumqeqeshi weMoroka Swallows usebalele abasebenzi nabadlali babeli qembu evalelisa.
Lo mqeqeshi ushiye ngokusemthethweni kwiSwallows ngoMsombuluko kulandela isikhathi eside somdinsiswano.
ISwallows ikhiphe isitatimende imemezela ukuthi sebenqume ukwehlukana ngesihle nalo mqeqeshi.
Naye ube esekhipha esakhe, evalelisa kubasebenzi nabadlali, kodwa wasivala ngomlayezo ongaqondakalanga kahle ukuthi uthini ngawo.
“Ngesizotha, ngithatha leli thuba ukubonga ukubekezela kwenu noma izimo zingezinhle,” kubhala uKomphela.
“Kunezikhathi la besigcina singasazi sithini kini kodwa benilokhu niziphethe kahle, nikhombisa ukuzigqaja nenhlonipho.
“Ngiyanibonga ngokuhlonipha ibhola, ukuhlonipha iligi nokuhlonipha abalandeli.
“Ngiyohlezi nginikhumbula futhi nginihlonipha. Okungenani manje ubuhlungu bokungazi ubhekephi sekufike ekugcineni.
“Engathi ningahlezi nibusisekile ukusuka manje kuya phambili,” kuchaza uKomphela.
Okubalulekile kulo mbhalo wakhe wukuthi akazange aze ababale abaphathi beqembu okuphambili kubo usihlalo uDavid Mogashoa.
Ucele abadlali ukuthi bakhele kulamaphuzu angu-19 abanawo futhi bahloniphe abaqeqeshi abaphethe njengamanje.
FUNDA NALA: ISwallows nesimemezelo esimqoka ngoSteve Komphela
“‘Kuyicala ukungena la kuphunywa khona’. Ngiyanibonga ngokungeseka kwenu okuyisimanga,” uyivale kanje le ncwadi yakhe.

