EzakamuvaIbhola

Isigwebo sikaKhune kwiChiefs sesibukeka siwudilikajele

Ukungacacisi kweKaizer Chiefs ngekusasa lika-Itumeleng Khune, kwenza kubukeke sekuphelile ngalo nozinti osehlale isikhathi eside eNaturena.

Bekulindeleke ukuthi uma kuphela ikhefu le-Africa Cup of Nations (Afcon), sibe sesiphelile isigwebo sakhe sokumiswa eqenjini.

Nokho kuthule nya ngo-Itumeleng Khune, inkontileka yakhe ephelayo ekupheleni kwesizini.

U-Itumeleng Khune umiswe yiChiefs kulandela ukufika ejimini enuka utshwala.

Amakhosi akhipha isitatimende echaza ngalokhu, kwaphinde kwaqinisekiswa ukuthi lo nozinti usephuciwe ibhande likakaputeni.

Ube esenikwa uhlelo okumele alulandele njengendlela yokuhlumelelisa isimilo sakhe. 

Kukhona konke lokho akazihlanganisi neqembu kuze kuphele isigwebo sakhe.

Ngempelasonto iChiefs ibibhekene neRoyal AM, kanti umqeqeshi weChiefs, uCavin Johnson, ubuziwe ngemuva komdlalo ngesimo sikaKhune.

“Usesesimeni leso enisithola kwabezindaba. Iqembu liyokwenza okuthile uma lokho sekuphelile,” kusho uCavin Johnson ngemuva komdlalo eHarry Gwala Stadium.

UBruce Bvuma, okunguyena ovimbayo njengamanje, ubukeka elidlile ijezi futhi usanda kuvuselela inkontileka yakhe ngeminyaka emibili.

Omunye unozinti weChiefs ovuselele inkontileka yakhe ngeminyaka emibili, uBrandon Petersen, okuqalwe isizini kuvimba yena.

U-Itumeleng Khune ubenikwe inkontileka yonyaka owodwa ekuqaleni kwesizini. Akubukeki ezonikwa enye uma isiphela ngoJuni.

Ngesikhathi emisiwe, uKhune uyaqhubeka nokuzicija yedwa njengoba ekufaka nasezinkundleni zakhe lokhu.

Sekuzocaca lapho ke ukuthi lo nozinti kuzobe sekuwukuphela kwakhe neChiefs, noma kukhona umsebenzi azowunikwa eqenjini.

Kuvela ukuthi uKhune angase anikwe umsebenzi wokujica onozinti kwiChiefs, ngoba uyisebenzele isikhathi eside engunozinti ohamba phambili.