Ibhola

U-Professor Ngubane akayizwa eyoweBucs nokuwola imiklomelo yePSL

UMlungisi “Professor” Ngubane, oyinkakha engathandabuzwa ebholeni laseNingizimu Afrika, ukholwa wukuthi uPatrick Maswanganyi, we-Orlando Pirates, bekungamele ayiwine eminye imiklomelo ngesikhathi kuklonyeliswa abenze kahle ngesizini edlule, emcimbini wePremier Soccer League (PSL), ngeSonto ebusuku.

UProfessor, njengoba ayaziwa kanjalo esadlala ibhola, waduma kakhulu esayibamba kuMaZulu FC nakwiDurban Bush Bucks, okungamaqembu ayehlonishwa ngaleso sikhathi KwaZulu-Natal.


UNgubane uthe imiklomelo yePSL kumele yabelwe abadlali abaningi kunokuthi kuwine umdlali oyedwa, njengoba kwenzekile kuMaswanganyi noRonwen Williams weMamelodi Sundowns.

UMaswanganyi ukhale wemuka nemiklomelo emithathu, iNedbank Cup Player of the Tournament, yiDStv Premiership Midfielder of the Season neDStv Premiership Players’ Player of the Season. UWilliams unqobe iGoalkeeper of the Season nePSL Footballer of the Season.

“U-Iqraam Rayners bekumele kube khona akutholayo, njenge-Players’ Player of the Season. Ubelokhu eshaya amagoli kuyona yonke imidlalo,” kusho uNgubane.

“Lo mfana usebenze kanzima kakhulu ngesizini edlule, uyena yedwa umdlali oshaye amagoli amathathu emdlalweni owodwa. Uyena owenze umehluko kwiStellenbosch, bekumele aklonyeliswe ngalokhu akwenzile.”

URayners wahlohla amagoli amahlanu emdlalweni weDStv Premiership bebhaxabula iPolokwane City ngo 5-0. Ngalolo suku wayengashaya amagoli angaphezulu kwalawo ukube wawasebenzisa ngendlela amathuba awathola.

“Kungani kumele kunikwe uWilliams iFootballer of the Season uma wazi kahle ukuthi uzothola iGoalkeeper of the Season? Imiklomelo kumele yabiwe ngendlela, isibonelo nje uMaswanganyi bekumele abe yiFootballer of the Season bese uRayners abe yiPlayers’ Player of the Season. Kodwa angazike ukuthi laba abavota babona kanjani,” kusho uNgubane.

I-Footballer of the Season ivotelwa abaqeqeshi abangu-16 beDStv Premiership, bese iPlayers’ Player of the Season ivotelwa abadlali bamaqembu ePremiership.

“Yebo uMaswanganyi kumfanele ukuwina iMidfielder of the Season, ubeyithwele i-Orlando Pirates kule sizini edlule. Kodwa angicabangi ukuthi bekumele awine kakhulu. Ngicabanga ukuthi amajaji abe ngamavila ukubheka nabanye. Bayavilapha ukwenza uphenyo oluphelele.

“Kodwa uRayners bekufanele athole okuthile, ikakhulukazi iPlayers’ Player of the Season. Ushaye igoli kuyona yonke imiqhudelwano ngesizini edlule. 

“Ubewahlupha wonke amaqembu ePremiership. Akukwazi ukuthi sibe nemiklomelo ewinwa umdlali oyedwa, kumele yabelwe bonke abenze kahle. Kumele kungayi nganxanye.”