URulani akahlehli, ubaqonda ngqo abamchapha ngenhlamba
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, usedalule ukuthi umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, usexolisile ngokuphawula kwakhe kwangenyanga edlule.
Ekhuluma kwabezindaba ngaphambi kokuya kwi-Africa Cup of Nations, uBroos wathi uMokwena ‘unokuzenza uNkulunkulu webhola laseNingizimu Afrika’.
Lokhu wakusho exoxa nabezindaba bangakubo eBelgium, ezwakalisa ukucikeka ngokungasekwa kwakhe amaqembu ePremier Soccer League (PSL).
“Umqeqeshi weSundowns, uzibona ewu(Jose) Mourinho waseNingizimu Afrika.
“Usewine izindebe eziningi, uzenza uNkulunkulu futhi wonke umuntu ulalela akushoyo.
“Ungigxekile ngoba abadlali bakhe ababili babuya eqenjini lesizwe belimele,” kusho uBroos ngaleso sikhathi.
Nokho uRulani Mokwena uthe sebeyixoxile leyo futhi bayidlulisa ngoba wamfonela embuza ukuthi babangeni.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngamalungiselelo ezakhe omdlalo weNedbank Cup la bezobhekana khona neLa Masia ngoLwesibili.
“Ngicabanga ukuthi inkinga yami enkulu wukuthi angikhulumi kakhulu ngalezi zinto ezishiwo ozakwethu kwabezindaba.
“Angihambi ngiyoxoxisana nabezindaba ngabo,” kusho uRulani Mokwena.
“Nonke niyazazi ezinye zezinto ezashiwo uzakwethu weTS Galaxy (uSead Ramovic).
“Ngathatha ucingo ngamfonela ngqo ngamvezela ukucasuka kwami ngalokho akusho.
“Kunezinto ezishiwo uBroos, naye ngabamba ucingo ngamfonela ngqo ngamtshela ngokungapphatheki kwami kahle ngakushilo.
“Esikukhulume lapho akukhona okomphakathi. Uma bona benomuzwa wokuthi kufanele bakudalule lokho, kuyindlela abazizwa ngayo bengakwenza.
“Kodwa mina angilona lolo hlobo lomuntu,” kuchaza lo mqeqeshi osemncane.
“Futhi ngeke ngihudulelwe kulezo zimo. Ngizilungisa ngendlela yami izinkinga.
“Angiyi kwabezindaba, ngithatha ucingo ngikhulume ngalezo zinto futhi ngenhlanhla umqeqeshi uHugo Broos uxolisile wachaza ngokwenzekile.
“Ngemuva kwaleyo ngxoxo esaba nayo ocingweni ngaphambi kwe-Afcon, kimina, kwase kudlulile.”
Emdlalweni weLa Masia, uMokwena uveze ukuthi usazoqhubeka nokushintshanisa abadlali bakhe ngenxa yokuba nemidlalo eminingi ezayo.
ISundowns, engompetha be-African Footbal League, ilwa izimpi ezintathu kanyekanye – iNedbank Cup, iDStv Premiership, neCAF Champions League.
“Kungase kube noguquko lapha nalaphaya. Yebo, kube noguquko oluningi emdlalweni odlule.
FUNDA NALA: UDavid Radebe ukhala ngesivinini eseqile kuDu Preez weChiefs
“Sizoshintshana sibone ukuthi singaphuma nani ngoba sinohlelo olunzima oluzayo emasontweni ambalwa ezayo.”