‘Uchiphiza izinyembezi’ uMmodi ngokusala kwele-Afcon
Umdlali wasesiswini weKaizer Chiefs, uPule Mmodi, usevule isifuba sakhe ngokshiywa ngaphandle eqenjini leBafana Bafana elayodlala kwi-Africa Cup of Nations ka-2023.
UMmodi wayekade engomunye wabadlali umqeqeshi, uHugo Broos abukeka esebenzela phezu kwabo njengoba ebeyakha kabusha iBafana.
Uthi yinto ayeyibhekile ukuba seqenjini. IBafana yenze kahle kulo mqhudelwano, yaqeda endaweni yesithathu ingabhekwe muntu.
UMmodi unemidlalo emithathu eqenjini lesizwe kanti ugcine ukuba kulo ngoSepthemba nyakenye lapho bedlala khona imidlalo yobungani neNamibia neDR Congo.
Lo mdlali oneminyaka engu-31 usthele iDiski Times ukuthi kusezandleni zakhe ukuthi aqhubeke nokusebenza kanzima ukuze aphinde ahehe amehlo abaqoki beqembu lesizwe.
“Kwakunjalo, kwakubuhlungu. Kuyiphilisi (elibabayo) elingagwinyeki,” kusho uMmodi.
“Ngicabanga ukuthi kufanele ngiqhubeke nokusebenza kanzima ukuze ngibe seqenjini lesizwe.
“Futhi ngizimisele ukwenza lokho ngoba ngiyazazi ukuthi ngingumuntu osebenza kanzima.”
Cishe okunye okwaba buhlungu kakhulu wukuthi uBroos akazange amtshele ukuthi umshiyeleni.
Naye wezwa esho kwabezindaba lo mqeqeshi ukuthi akekho umdlali weChiefs ambona efanelwe wukuba seqenjini lakhe.
“Cha, angikaze ngibe nengxoxo nomqeqeshi weqembu lesizwe,” kusho uMmodi.
“Kodwa ngasohlangothini lwami ngicabanga ukuthi konke kumayelana nokusebenza kanzima ukuze ngikwazi ukubuyisela indawo yami eqenjini lesizwe.
FUNDA NALA: Akekho onendaba namarekhodi, awanandondo – Mokwena
“Engingakusho ukuthi ngizoqhubeka nokusebenza kanzima.”