EzakamuvaIbhola

U-Andile Jali usedalule okwamvimba ukuya kwiChiefs

Sekugcine kuvelile ukuthi iKaizer Chiefs yake yameshela u-Andile Jali ngesikhathi esanda kudedelwa kwiMamelodi Sundowns. 

U-Andile Jali ngomunye wabadlali abebefiswa kakhulu ngabalandeli baleli qembu laseSoweto.

Bebembona engafike ayihlanganise kahle esiswini, ayisize ikwazi ukuvuka ibuyise nesithunzi.

Nokho lokho kwagcina kungenzekanga njengoba u-Andile Jali egcine esayine komakhelwane beChiefs, iMoroka Swallows. 

Nokho akahlalanga khona njengoba exoshiwe ngoJanuwari kulandela isiteleka sangoDisemba. 

IChiefs beyingakaze ikuveze ukuthi yayimfuna uJali, kodwa lo mdlali ukuvezile ngesikhathi ekhuluma kwiMarawa Sports Worldwide ngoLwesine.

Uthe wayengenankinga nokuya eNaturena, inkinga yaqhamuka kwimibandela iqembu elalifuna ukuyifaka kwinkontileka. 

“Angizange nginqabe kubo (iKaizer Chiefs),” kusho uJali kule ngxoxo ehehe izindimbane zabalaleli. 

“Inkontileka eyayingeyinhle, eminye imibandela yayo yayingemihle neze.”

UJali uyaziwa ke ukuthi uyazithandela ukushutha izithombe azifake ezinkundleni zakhe zokuxhumana.

Uveze ukuthi lokhu bekungeke kusenzeka ukube usayine kwiChiefs ngoba ibifuna ukukulawula akusho ezinkundleni zokuxhumana.

“Kwakunombandela kwiChiefs wokuthi iyona ezolawula i-Instagram, uFacebook bese ikutshela ukuthi yikuphi ongakufaka. 

“Yilokho okwasixabanisa okokugcina ngci,” kuchaza lo mdlali ongenaqembu kumanje. 

Ubeyifake icala esigungwini sePSL esixazulula izingxabano, kodwa isinqumo salesi sigungu samchitha. 

Akukaziwa ke nokho ukuthi usazoqhubeka yini alidlulisele phambili icala lakhe. 

Ubefuna ukuba iSwallows imbuyisele emsebenzini, imkhokhele nezimali emkweleta zona. 

Kodwa njengoba nomqeqeshi abesebenzisana kahle naye – nokunguye owamnxenxa ukuba ajoyine iZinyoni – uSteve Komphela engasekho nje, naye ngeke esakujabulela ukubuyela. 

ISwallows ikuqinisekise kuleli sonto ukuthi uKomphela ushiyile kuleli qembu ngokuvumelana nalo.