EzakamuvaIbhola

Angase alandele ezinyathelweni zikaLyle Foster oweBucs

Kuvela ukuthi sekuneqembu laphesheya elithathekile ngomfanyana osemncane osanda kukhushulelwa eqenjini elikhulu kwi-Orlando Pirates. 

Ngokwemibiko, uMohau Nkota kungenzeka agcine engadlalanga nowodwa umdlalo eqenjini elikhulu kwiBucs ngaphambi kokuthi aye phesheya.

Lokhu kulandela ukuqhamuka kweqembu laseBelgium, iStandard Liège lithi linesifiso sikumsayina lo mdlali. 

UNkota ungumgadli weqembu lenkulisa yePirates elidlala kwiDStv Diski Challenge futhi uvutha engabaselwe kule ligi. 

Unyuselwe ukuba ayojima neqembu elikhulu ngoJanuwari ngesikhathi iqembu lilungiselela ukuqala kabusha kwemidlalo ye-PSL. 

Nokho ubengekho eqenjini elidlale neMamelodi Sundowns ngempelasonto edlule emdlalweni weligi ophele zibambene ngo 1-1. 

“IStandard Liège isiveze isifiso sokusayina uMohau Nkota,” kubika abeTransfermarkt.  “Abaphethe uNkota bathintwe ngabeStandard Liège babe sebebatshela ukuthi abakhulume ne-Orlando Pirates ngoba unenkontileka nayo.”

Uma ehamba uNkota, uzobe elandela ezinyathelweni zikaLyle Foster naye owalandwa elaphesheya esanda kukhushulelwa eqenjini elikhulu kwiPirates. 

OFoster – osedlala kwiBurnely kwi-English Premier League manje – wathathwa yiFC Monaco yaseFrance ngo-2019. 

Wayesadlale imidlalo engu-11 kwiPirates futhi esashaye igoli elilodwa ngesikhathi izinhloli zeMonaco zimlanda.