EzakamuvaIbhola

Useqalile ukuqhulula amagoli kwiSundowns uLorch

UThembinkosi Lorch ube nesandla ekutheni iMamelodi Sundowns izibekisele indawo kuma-quarterfinal kwiCaf Champions League, okwesithupha kulandelana.

Lo mdlali, ozakhele igama kwi-Orlando Pirates, ushaye igoli lesibili eliqinisekise ukuthi Abafana Ba’Style babuya namaphuzu aphelele eMauritania ngoMgqibelo.

ISundowns ishaye iFC Nouadhibou ngo 2-0 kulo mdlalo weChampions League, yaqeda imidlalo yamaqoqo inamaphuzu ayishumi.

Iqembu lakuleli likhombise ngomzuzu ka-20 ukuthi aliyele ukuyodlala eMauritania.

UGrant Kekana ungqofele phakathi ibhola ngemuva kokuthola iphasi ebivela kuMarcelo Allende.

Igoli likaThembinkosi Lorch lingene ngesiwombe sesibili iSundowns yaqinisekisa ukuthi ithola amaphuzu aphelele.

UThembinkosi Lorch udlale umdlalo wakhe wokuqala iSundowns ibhekene nePirates koweDStv Premiership ngempelasonto edlule.

Nokho lo mdlali wazisholo yena ukuthi washaya udaka kulo mdlalo futhi akaziqhenyi nakancane ngendlela adlala ngayo.

Akungabazeki ukuthi ukuthola igoli lokuqala egqoke imibala yeSundowns kuzomkhuthaza kakhulu uThembinkosi Lorch.

Elinye iqembu elidlulele kuma-quarterfinal yiTP Mazembe nayo eqede inamaphuzu ayishumi, eqoqweni elilodwa neSundowns.

Kusazohlaluka ukuthi amaqembu azoqhathwa kanjani kodwa i-Al Ahly yase-Egypt ikhona nayo kuma-quarterfinal.

ISundowns iphume kweyandulela owamanqamu ngesizini edlule ngakho izozama ukwenza kangcono kulokhu, ngokulwela ukufinyelela kowamanqamu.