OweDowns ukhala uyadludluza ngomdlali wakhe olimele
SIHLE NGUBO
Ukhala ezimathonsi umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, kulandela ukulimala komdlali wakhe wasemuva, uKhuliso Mudau.
Lo mdlali weBafana Bafana uphume singakapheli isiwombe sokuqala ngesikhathi iSundowns ibhekene neMarumo Gallants emdlalweni weBetway Premiership, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesithathu ebusuku.
Ngemuva komdlalo uCardoso uveze ukuthi uMudau uzohlala isikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala.
ISundowns inqobe lo mdlalo ngo 2-0 okwenze yanyukela endaweni yesithathu kwilogi yeBetway Premiership.
I-Orlando Pirates, eseqhulwini, iKaizer Chiefs, esendaweni yesibili, yiSundowns, naMaZulu FC, asendaweni yesine, bonke banamaphuzu ayisikhombisa ngemuva kwemidlalo emithathu.
“Ngicabanga ukuthi uKhululiso Mudau ulimale kanzima, wadonseka umsipha,” kusho uCardoso ngemuva komdlalo.
“Yinto ejwayelekile kumdlali ofana naye, odlala kahle. Igqemeke ingozi iNingizimu Afrika nathi ikakhulukazi.
“Yebo sikholwa kanjalo ngebhadi, ulimele kakhulu. Ulimale ngaphandle kwenkundla ngesikhathi edlala akazange athinteke, bengithi uthinteke engaphakathi (enkundleni).
“Kodwa cha akukhona lokho, kube yilapha siye sabhekisisa. Akubanga umphumela wokumakana, ngebhadi uTeboho (Mokoena) naye akekho esimeni esikahle kusukela kuloya mdlalo wokuqala.”
UMokoena walimala ngesikhathi iSundowns ibhekene nePolokwane City kwi-quaterfinal yeMTN8.
ISundowns kudingeke ukuthi ifake uZuko Mdunyelwa endaweni kaMudau ngoLwesithathu.
Ukulimala kukaMudau kuzoyikhubaza iBafana Bafana emuva njengoba izodlala imidlalo yokuhlunga ye-Africa Cup of Nations (AFCON) ngenyanga ezayo.
UMbekezeli Mbokazi weChicago Fire naye usazohlala isikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala.
UMbokazi ungumdlali obaluleke kakhulu eqenjini lesizwe iBafana Bafana.

