EzakamuvaiNedbank Cup

UHleza ube yiqhawe iMilford ibhubhudla iChiefs

Kube ngunozinyi weMilford FC obe yiqhawe ngesikhathi leli qembu liqhuba ‘isiko’ leKaizer Chiefs kwiNedbank Cup.

IMilford, edlala esigabeni seMotsepe Foundation Championship, iwashise iChiefs ijezi iyishaya ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi. 

Akubanga wukuthi iChiefs beyingazami kodwa kube yinhlanganisela yeshwa nokushweba amathuba kwabagadli bayo. 

Amathuba beyiwathola kodwa izihlulekele yona. Kuphinde kwaba u-Ashely Du Preez ohlulwa alula.

Bekumele kuyiwe ekhefini iChiefs seyishaye okungenani amagoli amathathu. 

Nokho ibifica unozinti weMilford, uSiphamandla Hleza engasinisi mahleza. 

Nokho amathuba ayihlulile iChiefs. Nasesiwombeni sesibili kube yiso leso, uHleza echitha kwasani esondela eduze kwakhe. 

Umdlalo uze waphela zisabambene ngo 0-0, kwabe sekudlulelwa esikhathi esengeziwe. 

Kuthe kusele umzuzu kuyiwe ekhefini esiwombeni sokuqala sesikhathi esengeziwe, iChiefs yabekelwa iphenathi.

Lokhu belukandela ukuthi u-Unathi Somabhele elithinte ngasandla ibhola esebhokisini. 

Nokho uHleza uphinde wanqaba, wayivimba iphenathi ebishaywe uRanga Chivaviro. 

Kuthe sekusele imizuzu eyishumi umdlalo uphele, uVusumuzi Mthabela weMilford wakhishwa ngekhadi elibomvu.

Lokhu bekulandela ukuthola elesibili ngokudlalisa kabi uPule Mmodi. Umdlalo uphele zisabambene.

Kulapho ke kube sekuyiwa phansi kwepali, nokuyilapho indaba ifike yaqedelwa khona. 

Kube u-Edson Castillo ogeja iphenathi yeChiefs kanti abeMilford bawavalele enethini wonke awabo. Eyokugcina ishaywe uyena uHleza.