Obecija iChiefs useveze ukuthi yena uyazifela ngePirates
UCavin Johnson, obecija iKaizer Chiefs ngesizini edlule, useveze ukuthi uyazifela nge-Orlando Pirates, hhayi Amakhosi.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma noJunior Khanye, owayedlalela iChiefs, kwi-podcast yakhe muva nje.
Lo mqeqeshi ubebambile imidlalo engu-22 kwiChiefs ngesizini edlule kodwa yagcina ibe nesizini engeyinhle neze.
Ngomzuliswano wesibili wesizini izinto zibhede kakhulu kuMakhosi lapho ewine khona imidlalo emibili kuphela kwengu-15 ayidlalile.
Lokhu kwenze iqembu laseNaturena laqeda endaweni yeshumi kwilogi, ekupheleni kwesizini, lahluleka ukuzibekisela indawo kwiMTN8 ka-2024.
“Njengomfana osemncane…lokhu kuzobabulala abantu. Lapha ekhaya ngiwumlandeli wePirates selokhu kwathi nhlo. Yiqembu labantu,” kusho uJohnson.
Uveze ukuthi ngesikhathi esakhula ubekujabulela ukuya e-Orlando Stadium ayobuka amaqhawe akhe.
“Bengihlale ngiya e-Orlando Stadium. Sasazi uJomo Sono nabanye ababekhona ngaleso sikhathi,” kuchaza uJohnson.
“Babehlale beneqembu elihlukile. Sasihlale sinesizathu sokuya e-Orlando Stadium
“Uma uya e-Orlando Stadium bese amaphoyisa akuvimbe akubuze ukuthi uyaphi, sasiqamba amanga sithi cha ngiyobukela umalume wami. I-Pirates yayinabadlali abaxubile.”
Lo mqeqeshi uphinde waveza ukuthi umnewabo, uGraham Johnson, wayedlalela iPirates emuva kwesokunxele.
UJohnson wafika kwiChiefs ezoba yinhloko yenkulisa. Kwathi uma kuchithwa uMolefi Ntseki wabe esenikwa umsebenzi wokubamba njengomqeqeshi waMakhosi.