EzakamuvaiNedbank Cup

OweMilford akanalo noluncu uvalo ngeChiefs 

Ukaputeni weMilford FC, uPhakamani Ngxongo, uthi bangayishaya iKaizer Chiefs emdlalweni weLast 32 yeNedbank Cup ngeSonto.

La maqembu azotholana phezulu eFNB Stadium ngeSonto ngo-6 ntambama.

IChiefs uya kulo mdlalo isanda kuphoxa abalandeli ngokubambana neRoyal AM ngo 0-0 eHarry Gwala Stadium.

UNgxongo uthe ngeke basatshiswe yigama kwiChiefs, bazobhekana ngqo nayo.

“Sasikulindele ukutonyulwa neqembu elikhulu, futhi okusijabulisayo ukuthi sizobhekana neChiefs. 

“Ngokwami iyiqembu elikhulu kunawo wonke eNingizimu Afrika,” kusho uNgxongo. 

“Lokho kuzosinika ithuba lokufunda bese sikhombisa ukuthi thina siphetheni.

“Siyiqembu elincane kuneChiefs, ngiyavuma, kodwa enkundleni ngeke kusho lutho konke lokho.

“Sinakho okufanele ukuze siwine umdlalo. Sizobahlophina njengeqembu elidala nelikhulu kodwa uma sesingena enkundleni siyodlala ibhola.”

Amaqembu adlala kumaligi aphansi aseke ayihlupha iChiefs phambilini kuwona lo mqhudelwano.

Lapha singabala iBaroka FC, yi- University of Pretoria neTS Galaxy.

Akungabazeki ukuthi iMilford FC izofuna ukuqhuba lowo mlando uma isibhekene baMakhosi ngeSonto ntambama.