EzakamuvaIbhola

Libuyela enkantolo elesikhulu sele-PSL esagwazela onompempe

Njabulo Shezi

Onompempe abayisikhombisa nesikhulu seqembu lePremier Soccer League (PSL) babuyela enkantolo yesifunda eKempton Park ngoLwesithathu ngecala lokugwaza. 

Laba bobathathu babhekene necala lokuhlela ukuphekwa kwemiphumela yemidlalo nokugwaza. 

Leli cala lenzeka ngo-2016 ngesikhathi umnikazi weMagesi FC, uSolomon Makhubela enxenxa onompempe ukuba basize leli qembu lakhe. 

IMagesi yayizodlala emidlalweni yokuhlunga ye-ABC Motsepe League eyayiseBloemfontein, eFree State. 

Kule midlalo kwakuzophuma amaqembu amabili azonyukela esigabeni se-PSL, iNational First Division, esibizwa ngeMotsepe Foundation Championship manje. 

Ngokubika kweCity Press ngeSonto, abasolwa bayisishiyagalombili kuleli cala. 

Kukhona owayephethe onompempe kwiSafa, uPeter Sejake, unompempe we-PSL uBafana Mosia, nabasizi bonompempe o-Enerst Nyambi, Stevens Khumalo, Linos Hobwane, Shane Chuma noPeter Chauke. 

Bavele okokuqala enkantolo ngoMeyi kodwa icala lahlehliswa kulandela ukuhaqwa ukugula koyedwa wabasolwa. 

Leli phephandaba liveze ukuthi laba basolwa sebezame konke abebengakwenza ukubambezela ukuqulwa kwecala. 

Ngokohlu lwamacala, uSejake wakhuluma noMosia babe sebeqhamuka nesu lokuthi bazoyipheka kanjani imiphumela yemidlalo. 

Lokhu kwakulandela umhlangano kaSejake noMakhubela la acelwa khona ukuthi asize iMagesi inqobe imidlalo yokuhlunga. 

UMosia wabe esehlela umhlangano la bonke laba basolwa babezodingida lolu daba futhi kuthiwa bonke bazihlomulela ngo-50 000 ngosizo lwabo. 

Nebala yanqoba iMagesi, yenyukela kulesi sigaba se-PSL. Nokho izinto aziyihambelanga kahle njengoba yadliwa yizembe ngesizini yokuqala ifikile. 

FUNDA NALA: Ihlazo abalandeli bejikijela uNtseki kuhlulwa iChiefs

Leli qembu laseLimpopo namanje lidlala esigabeni seChampionship njengoba linyukele kuso ngonyaka odlule.