EzakamuvaIbhola

Sekuvele nelase-Europe kwafuna uMogaila

Kubukeka engeke azisole ngokuxoshwa kwakhe kwiRoyal AM umdlali wasesiwini odle ngejubane uShaune Mogaila.

Lo mdlali usanda kuyekiswa ukujima kwiRoyal AM ngoba nakhu engavumelani nabaphathi ngokusayina inkontileka entsha.

Kuthiwa abaphathi beRoyal AM bamnbona njengomuntu obadayisayo njengoba ebaleka ekubeni benesigwebo sokungabasayini abadlali.

Lesi sigwebo seFifa sivimba leli qembu ukuthi lingakwazi ukusayina abadlali abasuka ngaphandle. 

Kodwa abavele bengaphakathi njengaye uShaune Mogaila livumelekile ukuvuselela izinkontileka zabo. 

Kodwa njengoba evele ebeshelwa yizinkunzi zaseSoweto, i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, abemancane amathuba okuthi ahlale kuleli qembu laseMgungundlovu. 

Ngokuthola kweMpempe ngosondelene nabaphathi bakaMogaila.

“Kugcine kungavunyelwana yize umphathi wakhe ebezimisele futhi ezinikele ukuthi ahlale lo mdlali kwiRoyal AM.

“Kodwa phela ubengeke enzele ubudlelwano anabo ngeqembu ngokuthi agqilaze umfana kube kunamanye amathuba angcono avelayo. 

“Yingakho begcine benqume ukuthi angayivuseleli inkontileka. Nezingxoxo azivaliwe nya, kuwukuthi nje kusadutshwene okwamanje,” kusho lo mthombo.

Uphinde waveza ukuthi uMogaila – oke walunguza kwiBafana Bafana – angase aphelele phesheya njengoba kuneqembu lakhona okuxoxwa nalo.

Kuvela ukuthi iValengra FC yaseNorway isisifakile nayo isicelo sokumsayina lo mdlali kanti sekusele ukuthi kuvunyelwane nabaphathi. 

“Kube ukuvela kwaleli qembu, abaphathi bazimisa ezinye izingxoxo abebenazo namanye amaqembu.

“Bawachazelile ukuthi basafuna ukubona ukuthi ngeke yini bathole okuhlukile kwiValengra kwazise eyaphesheya, ivulela umfana namanye amathuba. 

“Ukudlala eNorway kungamqinisa agcine ephindele nakwiBafana uma efike wenza kahle,” kusho lo mthombo.

“Ngigcine kuthiwa izingxoxo zihamba kahle impela futhi zingaphothulwa noma kunini.” 

Nokho uma kuvunyelwana kuzomele leli qembu lilinde uJuni, kuphele inkontileka yakhe neRoyal AM ngokugcwele. 

Okwamanje engasayina nje eyesivumelwano sokuthi uma iphela le akuyo njengamanje nakanjani uya kubo.