EzakamuvaiDStv Premiership

Sisizwe isineke, kusho uRibeiro obukise ngaMaZulu

ULucas Ribeiro ukhombise noma ngubani obesamngabaza ukuthi nebala uyinkunzi yohlobo eshaya amagoli amathathu ngoLwesibili ebusuku.

Lo mdlali okwisizini yakhe yokuqala kwiMamelodi Sundowns ushaye amagoli amathathu beshaya AmaZulu Fc ngo 3-0 emdlalweni weDStv Premiership.

Lo mdlalo obuseLoftus Stadium uphele ngawo u 3-0, kanti uLucas Ribeiro uqokwe njengomdlali ovelele. 

“Besazi ukuthi umdlalo uzoba nzima. Umqeqeshi uthe sibe nesineke,” kusho uRibeiro ngemuva komdlalo. 

“Ngeshwa esiwombeni sokuqala asikwazanga ukwakha amathuba enele noma sisebenzise esiwakhile. 

“Kodwa besinalo icebo lalokho. Esiwombeni sesibili umqeqeshi asibe nesineke, siyiqale kahle iminyakazo. 

“Uthe sizogcina sikwazile ukusebenzisa amathuba. Nathi besazi ukuthi besingenzi kabi, kuwukuthi amathuba abesihlula. 

“Besazi kumele sinyuse amasokisi. Ngijabule ngamagoli amathathu engiwashayile, alisiza kakhulu iqembu.”

Ukuya ekhefini engakangenelwa goli kufanele ukuthi kuwanike ithemba AmaZulu ukuthi kukhona angaphuma nakho kulo mdlalo. 

Nokho kusheshe kwacaca esiwombeni sesibili ukuthi uma izoshaywa iSundowns, ngeke ishayelwe ekhaya.

Iqhawe losuku – uLucas Ribeiro – ukhiphe iSundowns osizini lokucabanga ukuthi lizongena nini igoli lokuqala.

Bekungumzuzu ka-48 – imizuzu emithathu siqalile isiwombe sesibili – ngesikhathi uLucas Ribeiro eshaya igoli lokuqala. 

Ubuyile lo mdlali odabuka eBrazil ngomzuzu ka-58 washaya elesibili nangoka-78 nelesithathu ukuqinisekisa ukuthi asala wonke amaphuzu ePitoli. 

Bese kungokwesibili ke kulandelana kulo nyaka emidlalweni yeligi AmaZulu ethola isibhaxu futhi asengenelwe amagoli ayisithupha, wona ashaya elilodwa.

Emdlalweni odlule ashaywe yiCape Town Spurs ngo 3-1. Kolandelayo azobhekana neMoroka Swallows ngoLwesibili oluzayo.