UBroos ufuna iBafana yenze i-Andorra isitebhisi
Yize lingekho kangako isasasa nemidlalo yeFifa Series ezodlalwa yiBafana Bafana kuleli sonto, kodwa umqeqeshi u-Hugo Broos uyibona iyithuba elihle kakhulu.
IBafana yenyukile ekuklelisweni kwamaqembu kweCaf njengoba seyisendaweni yeshumi nje kumanje.
Lokhu kulandela ukwenza kahle kwi-Africa Cup of Nations e-Cote d’Ivoire ngenyanga edlule.
Kumanje ke iBafana ise-Algeria la iyodlala khona imidlalo emibili yobungani engaphansi kwezinhlelo zeFifa.
Le midlalo ayinamsoco ngokwesigqi sayo kodwa ngokubona kukaBroos, ibaluleke kakhulu kwiBafana.
”Kumqoka kakhulu ukwakhela kulokhu esikuzuzile kwi-Afcon ngoba akwanele ukuqeda endaweni yesithathu nokunyuselwa kweka-10 ngokokukleliswa kwamazwe.
”Imidlalo yobungani isibaluleke kakhulu,” kusho uBroos ese-Algeria kuleli sonto.
“Sizozama ukuthola amaphuzu kule midlalo emibili ukuze sinyukele endaweni engcono ekuklelisweni kweCaf.”
UBroos ubona iBafana isemuzweni ofanele futhi ingagcina yenyukela endaweni engcono nasekuklelisweni yiFifa.
IBafana izobhekana ne-Andorra ngoLwesine ngo-11 ebusuku emdlalweni wokuzwana amandla okubhekwe iwunqobe.
Kuzobe sekuthi ngoLwesibili idlale nosokhaya i-Algeria efuna ukubuyisa isithunzi njengoba kuyibhimbele kakhulu kwi-Afcon.
FUNDA NALA: Kudutshulwe isikhulu sePirates sibanjwa inkunzi
Ukunqoba le midlalo yomibili ngendlela egculisayo kungasifeza isifiso sikaBroos sokunyukela endaweni engcono.

