EzakamuvaImibono

ULyle Foster akayekwe agulele ‘ngakubo’ e-England 

Ukungafiki kukaLyle Foster kwiBafana Bafana ngesikhathi idlala kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023 e-Ivory Coast, kushiye izinkulumo nemibuzo engaphenduleki.

Lo mdlali weBurnley yase-England, ubebiziwe eqenjini lesizwe lakuleli kodwa wabhala incwadi echaza ukuthi ngeke aphumelele ukuya kwi-Afcon.

Ngaphambi kokuthi kufike lo mqhudelwano omkhulukazi e-Afrika, iqembu lakhe iBurnely, liveze ukuthi uLyle Foster, owake wadlalela i-Orlando Pirates, unesifo sokuphazamiseka komqondo.

Uke wama engadlali kwiBurnely elashwa ongoti base-England, okuthiwa bakwazi ukuqondana ngqo nesimo esimphethe.

Uthe uma ebuya ngoDisemba kwanethemba lokuthi uzosiza iBafana kwi-Afcon, kanti umqeqeshi uHugo Broos ushaye phansi kwashunqa uthuli.

Ngesikhathi ememezela iqembu lakhe uHugo Broos ubuziwe ngoLyle Foster, wachaza ukuthi akezi ngoba kusamele abhekwe odokotela abayisipesheli ngeso lokhozi.

Nokho ngemuva kwe-Afcon iSouth African Football Association (Safa), iphumele obala ngokuthi ayenelisekile ngencazelo yokungezi eqenjini lesizwe kwalo mdlali, ngakho izokwenza uphenyo lwayo.

Nomqeqeshi uHugo Broos ucashunwe evuma ukuthi yafika incwadi eyayibhalwe uLyle Foster uqobo, kodwa umangele nje embona ewumqemane, edlala imidlalo aze ayiqede kwiBurnely.

Ngemuva kwalokho umqeqeshi weBurnley, uVincent Kompany, uphendule ngamazwi anokweyisa. 

Wathi akazi yini okumele ichazwe ngokungezi kukaLyle Foster kwiBafana, ngoba sebalinekela izwe ngesimo sakhe.

Lo mqeqeshi, owayengukaputeni weManchester City, uthe “yithina esisazi kangcono isimo sikaLyle Foster, ngakho kumele ahlale nabantu abamaziyo kwiBurnely.”

Nakhoke phela umfana waseNingizimu Afrika esaziwa kangcono ‘abantu bangakubo’ e-England. 

Besiyinike thina ukufuna eze eNingizimu Afrika lapho esejike wangaziwa khona.

Isimo sokugula komdlali siyohlale siyinto ebucayi nengeke ibukelwe phansi. Kodwa kukhona okushaya amanzi ngoLyle Foster neBurnley.

Mina bengibona kungcono sikuhloniphe ukuthi umfana uyagula, simyeke agulele ‘ngakubo’ e-England.

Aqhubeke nje umfana ahlale ngakubo nangesikhathi semidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026, ngoba phela uyagula bandla.

Uma iBafana izibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ka-2026, angaphazanyiswa nakancane nje umfana, ahlale nabantu abamaziyo khona kwelamaNgisi.

Yisona isixazululo lesi ukuze kungathi uma sekukhona okwenzekayo kumfana, kugxekwe iNingizimu Afrika le emboleka ngakubo e-England.

ISafa noHugo Broos, abavele bahoxise kwaphenyo lolo, bangayihluphi ingane iyagula. 

Ihlale nje kamnandi ngakubo, nayo ikhohlwe yindaba yeBafana. Shwiii!