EzakamuvaiDStv Premiership

Kwale kancane akhihle isililo uVan Heerden eqokwa kowovelele 

Uhluleke nawukujabulela ukuqokwa njengomdlali ovelele uMarc van Heerden, weCape Town City FC, ngemuva kokuthi iqembu lakhe liyilahle ekugcineni libhekene neSuperSport United, ngoLwesithathu.

Kulo mdlalo weDStv Premiership obuseDHL Stadium, eKapa, bekubukeka sengathi iCitizens seyiwafake emgodleni wonke amaphuzu amathathu, sekusele amanenjana unompempe aqede umdlalo.

Kuvele konakala uLyle Lakay eshaya igoli ngomzuzu ka-90+5, umdlalo wagcina wagcina uphele ngo 1-1.

Ngaphambi kwalokho iCitizens ibihambe phambili ngegoli likaKhanyisa Mayo obese kungelesishiyagalolunye lakhe emidlalweni yeligi.

Ngemuva komdlalo uMarc van Heerden uhlulekile ukufihla ukudumula kwakhe, ngesikhathi eyokwemukela umklomelo womdlali oshaye into ecokeme kulo mdlalo.

“Ngiphoxekile kakhulu. Asikwazi ukuvele sidedele igoli ngomzuzu wokugcina womdlalo,” kusho uMarc van Heerden, owake wadlalela i-Orlando Pirates naMaZulu FC.

“Sizenzele phansi kakhulu. Nokho kodwa sizofunda kulokhu.

“Ukudedela igoli ngaleso sikhathi somdlalo…yinto elimazayo nengajwayelekile.

“Kumele siqaphele njalo. Kufanele sibeke imiqondo emdlalweni uze uyophela.”

Ngaphandle kokukhala ngonompempe nezinqumo zabo, umqeqeshi u-Eric Tinkler naye ubedumele kakhulu ngokulahla amaphuzu.

“Kimina lokhu kudlala ngokulingana kufana nokulahla amaphuzu amahlanu,” kusho uTinkler.

“Umuntu afike adale ifree kick bese ahluleke ukuyoyiphunga, ngemizuzu yokugcina.”