OweChiefs uvuma eyokukhumbula u-Itu Khune omisiwe
UBruce Bvuma useveze ukuthi sebemkhumbule uzakwabo osamisiwe kwiKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune.
Lo nozinti, osanda kwelulelwa inkontileka, ufikele futhi wakhulela ngaphansi kuka-Itu Khune kwiChiefs.
U-Itu Khune umiswe yiChiefs ekuzibandakanyeni neqembu kulandela ukutholwa enecala lokufika ejimini engekho esimweni esifanele.
Iqembu labe selimyekisa ukujima nokuzimbandakanya nalo. Kodwa akucaciswanga ukuthi isikhathi esingakanani.
Ngaphezu kokukhala ngoKhune, kuthiwa abadlali bazibophezele ekubhukuleni, bazikhandle ngokwedlulele ukugeza igama leqembu.
Izinto azihlangani ke kwiChiefs kanti kunamahlebezi avele ngoLwesine ekuseni okuthi abadlali babe nomhlangano nabaphathi, bacela ukuthi abuyiswe uKhune.
La mahlebezi awazange aqinisekiswe yiqembu kanti noBvuma akabuzwanga ngawo.
Ubuzwe ngokuthi ngabe sisekhona yini isikhala sika-Itu Khune eqenjini, wabe eseveza ukuthi sebemkhumbule.
“U-Itu uyinkakha yebhola laseNingizimu Afrika. Cishe bonke onozinti (abeza ngemuva kwakhe) bakhule bebukela kuye.
“Mina nje ngiyimi ngifunde lukhulu kuye. Kukho konke lokhu okwenzekayo, mina njengomuntu osondelene kakhulu naye ngisaxoxa naye.
“Ungijabulele kakhulu njengoba sengidlala njalo futhi ngenza kahle,” kuchaza uBvuma kwabezindaba eNaturena ngoLwesine.
“Ngabe ngiyamkhumbula? Nakanjani, ngiyamkhumbula. Uyinkakha yeChiefs…
“Futhi ukuthi angabi khona eduze nami ejimini akujwayeleki njengoba bese ngijwayele ukuthi ngijima naye nsukuzonke.”
Kuzocaca ngokuhamba kwezinsuku ke ukuthi abaphathi beChiefs bazokulalela ukukhala kwabadlali ngoKhune bese bembuyisa.
IChiefs isibheke ukugeza izinhliziyo zabalandeli emidlalweni elandelayo kulandela ukubahlaza kwiNedbank Cup ibhuliswa amazolo yiMilford FC.
Leli qembu libuyela khona endaweni yesigameko, iFNB Stadium la izobhekana khona nomakhelwane iMoroka Swallows.
FUNDA NALA: Ukuhamba kukaKanu kuphenye ibheshu kwavela izinqe kuKhenyeza
Lo mdlalo weDStv Premiership ungoMgqibelo ngo-5.45 ebusuku. Kubhekwe ngabomvu ukuthi iChiefs izokwazi yini ukuvuka izithathe.

