Amaqembu ase-Afrika abageze ubebebe kwiNdebe yoMhlaba edlulela kwiLast 32
SIHLE NGUBO
I-Democratic Republic of Congo (DRC) ne-Algeria bengeze esibalweni samaqembu ase-Afrika azodlala eyomkhumulajezi kwiNdebe yoMhlaba eqhubekayo e-USA, iseCanada naseMexico.
I-DRC idlulele kwiLast 32 yeNdebe yoMhlaba ngemuva kokushaya i-Uzbekistan ngo 3-1 ngeSonto ekuseni.
Ngakolunye uhlangothi i-Algeria ibambane ne-Austria ngo 3-3, okuqinisekise ukuthi iyazibekisela indawo emzuliswaneni olandelayo.
Ayisishiyagalolunye amaqembu ase-Afrika asedlulele kwiLast 32 kulo mqhudelwano omkhulukazi, osingethwe yi-USA, iCanada neMexico.
Emaqenjini ase-Afrika ayishumi iTunisia yilona iqembu lase-Afrika elihlulekile ukudlulela emzuliswaneni olandelayo.
Amaqembu ase-Afrika asedlulele kwiLast 32 kwiNdebe yoMhlaba, yiNingizimu Afrika iMorocco, i-Egypt, iCape Verde, yi-Ivory Coast, iGhana, iSenegal, iDR Congo ne-Algeria.
Lokhu kusho lukhulu kwiCAF futhi kuzoqinisekisa ukuthi kukhona amaqembu adlulela kwiLast 16.
IBafana Bafana izobhekana neCanada, engosokhaya, emdlalweni weLast 32 ngeSonto ngo-9 ebusuku.
Uma iqembu lakuleli lingamangaza iCanada ngokuyibhonya phambi kwezinkumbi zabalandeli bayo, kuyosho ukuqopheka komlando.
Umqeqeshi weCanada, uJesse Marsch, useveze ukuthi akayeyi iBafana Bafana ngaphambi komdlalo wangeSonto.
Uxwayise ezakhe ukuthi zilindele umdlalo eqenjini eligijimayo neliqinile, okuyiBafana Bafana, uma sebetholana phezulu emdlalweni weLast 32, eLos Angeles Stadium, ngeSonto ebusuku.
“INingizimu Afrika, uma uwubukile umdlalo ngoLwesine, ngicabanga ukuthi ngesikhathi abantu abaningi belindele ukuthi iSouth Korea iphathe umdlalo, kwavele kwaba yisimo esihlanazelekile,” kusho uMarsch.
“Ngakho ngihlabeke umxhwele ngeNingizimu Afrika kulo mdlalo.
“Ngesikhathi kuqhubeka umdlalo, yize abantu abaningi babengathi iSouth Korea iyiqembu elingcono, ekupheleni komdlalo kwacaca ukuthi iNingizimu Afrika iwutholile umphumela.
“Babeyiqembu elingcono futhi bazosinika inselelo enkulu.”
IBafana Bafana izothokozela ukubuya kukaTeboho Mokoena, ongadlalanga bebhekene neSouth Korea ngenxa yamakhadi aphuzi.

