‘Bahamba izangoma uma bezodlala neChiefs,’ kusho uJohnson
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi obambile kwiKaizer Chiefs, uCavin Johnson, useveze abahlose ukukuzuza kula manenjena asele esizini kodwa wathi izimbangi zabo ziza nezangoma ezinhlanu uma zizobhekana naMakhosi.
IChiefs idlale ngokulingana okwesithathu kulandelana ngemuva kokubambana neMoroka Swallows ngo 0-0 koweDStv Premiership ngempelasonto.
Ngaphambi kwalo mdlalo iChiefs ibambane neSekhukhune United ngo 1-1 yase idlala ngokulingana neRoyal AM ngo 0-0.
“Esifuna ukukuzuza yilokhu ebesilokhu sizibekele ekuqaleni, selokhu ngathatha izintambo,” kusho uCavin Johnson
“Lokho ukuwina imidlalo eminingi nokuthi siye phezulu kwilogi yeDStv Premiership.
“Manje sesibuyile, ngoba sizenzele phansi kwiNedbank Cup kumele siqinisekise ukuthi umdlalo esiwudlalayo ufana nowamanqammu.
“Siyazi futhi sonke ukuthi wonke amaqembu esidlala nawo adlala nathi sengathi owamanqamu.
“Noma ubani odlala neChiefs, hhayi manje kuphela kodwa kusukela eminyakeni eyisishiyagalombili edlule, ufuna ukwenza isiqiniseko.
“Esikhundleni sokuya esangomeni esisodwa baya ezangomeni ezinhlanu.”
IChiefs izobhekana neLamontville Golden Arrows emdlalweni weligi ngoLwesibili ebusuku.
Abafana Bes’thende nabo akubahambeli neze kahle njengoba sebeshaywe imidlalo eyishumi kulandelana.
Ngemuva kwalo mdlalo iChiefs izobe seyibhekana nezimbangi ezindala i-Orlando Pirates emdlalweni womkhaya eFNB Stadium ngoMgqibelo.
FUNDA NALA: UMiddendorp uncome unompempe okokuqala eminyakeni engu-19
IPirates yona izodlala neCape Town Spurs ngaphambi kokubheka umdlalo wayo olandelayo neChiefs.

