EzakamuvaIbhola

UMatlou uveza okumbambezelile ekugqameni kwiChiefs 

Umdlali wasesiswini weKaizer Chiefs, uGeorge Matlou, uzizwa enethemba lokuthi ekugcineni izinto zizomhambela kahle kuleli qembu elizinze eNaturena.

Uthi ukube bekukhona ukulimala okumbambezelile, ngabe izinto zakhe zisheshe kakhulu ukulunga futhi ngabe kumanje usengomunye wezethenwa zeqembu.

UMatlou ukholwa ukuthi ukusebenza kanzima yikhoba okungukhiye ekutheni athole isikhathi esiningi sokudlala. Kodwa ube nebhadi ngokulimala ngesizini edlule.

“Kuwumsebenzi onzima… Futhi-ke, angizange ngibe nesiqalo esihle ngesizini edlule,” kusho uMatlou, ekhuluma nabezindaba eThekwini kuleli sonto.

“Ngeshwa ngalimala. Ukulimala bekungilandela ngesizini edlule. Kodwa manje ngenza isiqiniseko sokuthi uma nginikwa ithuba, ngiyalisebenzisa.

“Akukhathalekile ukuthi ngidlala imizuzu emingaki, okubaluleke kakhulu kimi ukuthi ngidlale, ngikhiphe wonke amangwevu ami.”

UMatlou uwuqalile umdlalo ngesikhathi iChiefs ishaya iSekhukhune United ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium ngoLwesithathu kusihlwa.

Futhi udlale kahle impela. Usayiniswe yiChiefs esuka kwiMoroka Swallows ngesizini edlule wadlala imidlalo engu-14 emiqhudelwaneni eyahlukene.

FUNDA NALA: Asesheshe aphela amathikithi owamanqamu weMTN8

Kule sizini, useqale imidlalo emine kwemihlanu yeligi nowodwa kwemibili yeMTN8. Kanti uzobe ebheke ukuqala owesihlanu uma sebebhekene neCape Town City ngoLwesibili.