‘Angiwulaleli ulwabishi mina,’ kusho uManqoba Mngqithi
Useveze ukuthi akawulaleli nakancane yena ulwabishi umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi.
Lo mqeqeshi unezinqumo zakhe (azithathayo njengamanje) ngabadlali abathile abebewumgogodla weqembu ngaphansi komqeqeshi ongasekho uRulani Mokwena.
UMngqithi unqume ukungadlalisi uTeboho Mokoena noKhuliso Mudau ngesikhathi bebhekene neSuperSport United koweBetway Premiership ngoLwesithathu. Kulo mdlalo Abafana Ba’Style banqobe ngo 2-0.
Yize kuvele ukuthi ubebaphumuza laba badlali kodwa kunemibuzo yokuthi ngabe konke kuhamba kahle yini phakathi kukaMngqithi nabadlali abathile beSundowns.
Lo mqeqeshi uveze ukuthi yena unendlela yakhe enza ngayo ukubhekana nokugxekwa okuvela kwabathile.
“Okokuqala nje ngisizwa ukuthi angikho ezinkundleni zokuxhumana,” kusho uMngqithi.
“Ngakho angiwulaleli wonke umbhedo oshiwo abantu. Lokho kuyasiza ngoba ngesinye isikhathi ungaze ukhathazeke ubona izithombe ezifakwa abantu bekhululuma umbhedo.
“Okunye ukuthi ngimdala, sengibe sebholeni iminyaka engaphezulu kwengu-20. Ngiyazi ukuthi yini elindeleke kimina.
“Ngiyazi ukuthi kwesinye isikhathi ngizokwazi ukugcina umsebenzi isikhathi eside, futhi mhlawumbe uma isimo singavumi ngingenzi kahle. Ngiyazi ukuthi yini engenzeka. Yilokho okubalulekile empilweni.
“Empilweni kusemqoka ukwamukela ukuthi kumele ubhekane nezinto ezithile futhi into enhle ukuthi ngiyazigqaja kakhulu, nginokuzethemba. Ngiyazi ukuthi ngikwazi ukwenzani, ngiyazethemba futhi ngiyazi ngingenza ini.”
Kukhona abalandeli ababona uMngqithi eseshintshile selokhu ethathe izintambo zokuqeqesha kulandela ukushiya kukaMokwena. Bakhala ngokuthi lo mqeqeshi usekhuluma kakhulu kanti ubengaziwa enjalo.
“Akukona lokho okushiwo umuntu onombono othile okuyikona okuchaza mina. Abanye abantu abakwazi ukuzinakekela kwabona nempilo yabo kodwa banemibono ngalokhu wena okwazi ukukwenza,” kuqhuba lo mqeqeshi owake wayibamba kwiLamontville Golden Arrows.
“Uma ulalela wonke umuntu lo ungagcina usanganelwa yikhanda. Ngokwami kubalulekile ukwethemba le ndlela engizizwa ngayo, engikwazi ukukwenza nokuzethemba njengomuntu.
“Futhi kumele ngazi ukuthi ngesinye isikhathi ngingenza kahle kodwa ngingabi nayo inhlanhla futhi isimo singavumelani nami.”
UMngqithi uthe uhlale ekholelwa ekutheni azibe abadlali “abayizethenjwa” eqenjini uma bengasakwenzi lokhu okusuke kulindelwe kubona.
Ugcizelele ukuthi uhlale ekulungele ukubanika ithuba lesibili abadlali uma sebekhombisa intshisekelo entsha yokufuna ukudlala ngokwezinga labo.
“Into okumele uyazi ukuthi ngiyakwazi ukuthatha izinqumo ezinqala, yinto engimuhle kuyona leyo,” kuqhuba uMngqithi.
“Uma ungabheka abanye abadlali abaphezulu abebehloniphekile emaqenjini engike ngasebenza kuwona, uma ngithi angiboni ukuthi uyalisiza iqembu, ngithatha leso sinqumo bese ngiqhubekela phambili. Lokho kungisiza kakhulu.
“Uma ungabuyela emuva kwiGolden Arrows bheka ukuthi kwenzekani kuBheka Phakathi, kwenzekani kuPere Ariweriyai. Bonke labo badlali babeyizethenjwa kulawo maqembu.
“Uma ngibona ukuthi awulisizi iqembu ngaleso sikhathi, ngithatha isinqumo. Kodwa into enhle ukuthi nginobuntu ngakho angiwabambi amagqubu.
“Uma usukulungele ukudlala nokunika iqembu lokhu elikudingayo, ngiyohlale ngikwamukela ngoba kumele ngikhule, kumele ngibe ubaba kulezi zingane.
“Lezi zingane zibheke umholi wazo ukuqinisekisa ukuthi uneqiniso kuzona. Njengoba kwenzeka emndenini kuzoba nezikhathi ezimnandi, ukujeziswa nokuklonyeliswa. Kuzophinde kube nempumelelo nokwehluleka.”
Indlela akhuluma ngayo uMngqithi iveza ukuthi kube khona ukungaboni ngaso linye phakathi kwakhe nalaba badlali ababili, uMokoena noMudau.