EzakamuvaIbhola

Ubonakale ejima kweleChampionship ogajwe yiPirates

Omunye wabadlali abanenkinga yokungakwazi ukuziphatha ngendlela elindeleke kubadlali bebhola elikhokhelayo nolaxazwe yi-Orlando Pirates ekupheleni kwesizini edlule usezama ukubuyela ebholeni. 

UNkanyiso Zungu, owavundululwa ngu-Ayanda Mkhize obeyinhloli yaMaZulu FC, uxoshwe yiPirates kade ebuya kwiRichards Bay abebolekiswe kuyo. 

IPirates yayibolekise ngaye ngoba icabanga ukuthi uma eya edolobheni elincane uzokwazi ukuziphatha kanti uzofike adlulele kwiRichards Bay. 

Impempe ike yabika ngezigemegeme zakhe echomela ozakwabo ejimini aze abatshele ukuthi abekho ezingeni lakhe. 

Lokhu kwehluleka wukuziphatha kwakhe – kuhlangene nokutholakala ezindaweni zobumnandi ngezikhathi ezingafanele – kwenza leli qembu lambuyisela kwiPirates.

Uthe uma efika kuyo nayo yabonga, yathi ngeke iyivuselele inkontileka yakhe ebiphela bele ekupheleni kwesizini edlule.

Manje, ngokubika kwe-iDiski Times, uZungu usezama inhlanhla kwiPolokwane City Rovers eqeqeshwa uTlou Segolela. 

Leli qembu elidlala kwiMotsepe Foundation Championship lilengela ezembeni njengoba lisendaweni yesithathu ukusuka emsileni.

Nokho liyalingana ngamaphuzu neMarumo Gallants neVenda FC abangemuva kwayo.

Womathathu lamaqembu anamaphuzu angu-19 ngemuva kwemidlalo engu-20.