EzakamuvaIbhola

Useqalile ukulungiselela ikusasa olaxazwe yiSundowns

UGift Motupa, owazakhela igama kwiBaroka FC, nosanda kulaxazwa yiMamelodi Sundowns, useqale ibhizinisi azoziphilisa ngalo uma esewagaxe emgibeni amakhokho. 

Lo mdlali oneminyaka engu-29 usengene kwezolimo njengoba eseqale ibhizinisi lokufuya izinkukhu. 

UMotupa usanda kuphelelwa wumsebenzi kwiSundowns kanti usebuyele kuyo iBaroka le aqala kuyo ukudlala esigabeni esikhokhelayo.

Wasuka kwiBaroka waya kwi-Orlando Pirates la agqama khona isikhashana kodwa wabuye wadlulela kwiChippa United.

KukwiBidvest Wits ngaphansi kukaGavin Hunt la akhombisa khona ukuba umgaldi osezingeni waze walandwa uPitso Mosimane esekwiSundowns. 

Ekuhambeni kukaMosimane wasala nabaqeqeshi abakhona kumanje oRulani Mokwena noManqoba Mngqithi kodwa akazange adlale ngaphansi kwabo.

 

Yize esaqhubeka nokudlala, kodwa uMotupa useqalile nokulungiselela ikusasa ngokungena ebhizinisini.

Leli bhizinisi lakhe likhulisa izinkukhu zenyama kanti kukhona nezamaqanda abe esewapakisha kahle awafake emakethe. 

Kuzokhumbuleka ke ukuthi amaqanda asayinto ephambili kuleli njengoba amanani awo enyukile.