EzakamuvaIbhola

Iqhawe elisha leChiefs, uDuba, lisongela iPirates 

Uthi izohlangana esikhaleni ne-Orlando Pirates umdlali osemncane weKaizer Chiefs, uWandile Duba.

Lo mfana osemncane uyena oqede indlala yamagoli kwiChiefs ngesikhathi ishaya iLamontville Golden Arrows ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili ebusuku.

Ushaye elihle igoli ngomzuzu ka-11, kanti lokhu bekusho ukuthi iChiefs isinegoli enyakeni u-2024, kulandela ukudlala ngokulingana ngo 0-0 emidlalweni emithathu edlule.

UWandile Duba uthe konke lokho uzokuqeda yena futhi nePirates kumele ibhasobhe ngoMgqibelo emdlalweni womkhaya.

“Abaqeqeshi bangitshele ukuthi uma ngikholelwa kimina ngizolishaya igoli,” kusho uWandile Duba ngemuva komdlalo.

“Ngiyajabula ukuthi ngilishayile igoli. Bengilokhu ngizilungiselela leli thuba.”

Ngemuva kwe-Africa Cup of Nations (Afcon) iChiefs ihluleke yancama ukuthola igoli emidlalweni emithathu.

Idlale ngokulingana neRoyal AM, yiMilford FC neMoroka Swallows, emidlalweni ephele ngo 0-0. Lokhu kuyicindeze kakhulu.

“Ngibone uFoden emdlalweni womkhaya waseManchester. Uthole ibhola wabe eseshaya igoli,” kusho uWandile Duba.

“Angisakwazi ukulinda kube wuMgqibelo. I-Orlando Pirates kumele ingilindele, ngiyeza.”

IPirates izobhekana neChiefs emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium ngoMgqibelo ntambama.