EzakamuvaiDStv Premiership

Amahloni kuRiveiro iPirates ishaya udaka ngaphambi kwedabhi

UJose Riveiro uyichaze ngokuthi bekuyindavundavu eshayisa ngamahloni indlela i-Orlando Pirates edlale ngayo ibambana neCape Town Spurs ngo 1-1 ngoLwesithathu ebusuku.

Lo mqeqeshi weZimnyama akachazekanga neze ngendlela abadlale ngayo bededela iSpurs ibuye kade sebehamba phambili.

IPirates iwuqale kahle lo mdlalo obuse-Orlando Stadium kuyiyo ephethe umdlalo futhi yasheshe yalithola negoli elishaywe uRelebohile Mofokeng.

Kodwa esiwombeni sesibili ibisidlala indavundavu nje nje yebhola, yagcina ibuyile i-Urban Warriors yathola elokulinganisa. 

“Sibe nomdlalo omubi. Mubi kunayo yonke esesike sayidlala phambilini,” kusho uRiveiro ngemuva komdlalo. 

“Kunzima ukwamukela. Sikuthole kunzima ukusebenzisa izikhala . Kodwa kunezikhawu ezimbili noma ezintathu la ukuzisebenzisa kahle. 

“Kodwa besibuye sivele siyeke ukudlala. Besingenayo inhloso uma sibacindezela, sibayeke bathole intuba yokuphunyula kalula. 

“Besingabacindezeli uma belahla ibhola. Esiwombeni sesibili angazi kwenzekeni.

“Bekungathi besilinde bathole igoli bese siyaqala ke nathi siphinde sidlale,” kuchaza lo mqeqeshi. 

IPirates izamile ngasekugcineni komdlalo ukubuya futhi incishwe nephenathi ebisobala. 

“Besingekho nje emdlalweni. Besingabafaki ingcindezi futhi bebezithola kalula nje izikhala zokuthi badlale. 

“Kunzima ukuyichaza le. Sidlale kabi kakhulu. Yisikhathi sokuthi sisolane lesi ukuze senze kangcono ngokuzayo.”

IPirates izobhekana neKaizer Chiefs eFNB Stadium ngoMgqibelo ntambama  emdlalweni olandelayo.