Usuthu enhlanhleni yokuyithola ibuthaka iBucs
I-Orlando Pirates izoya emdlalweni wayo weNedbank Cup ezobhekana kuwo naMaZulu FC zingekho izethenjwa zayo zasemuva.
Leli qembu elingompetha beNedbank Cup, kumele lidlule kuMaZulu uma kuwukuthi lifuna ukuyivikela nale ndebe njengoba lenzile ngeMTN8.
Nokho izobe ingaqinile ngendlela efisa ngayo emuva njengoba bezobe bengekho abadlali abathathu ababalulekile.
UNkosinathi Sibisi ubevele engekho ngesikhathi iPirates ibhudluza ezakhe zakudala iGolden Arrows ngo 7-1 ngempelasonto.
Lokhu bekungenxa yokuthi wakhishwa ngekhadi elibomvu ngesikhathi bebhekene neMoroka Swallows.
Uzakwabo wasemuva, uTapelo Xoki yena uthole ikhadi lakhe lesine eliphuzi bedlala ne-Arrows.
Lokhu kusho ukuthi ngeke adlale uma sebebhekene nezakhe zakudala Usuthu.
U-Olisa Ndah yena kusabanjwe umoya ngaye njengoba enokuthinteka okuncane elashelwa khona.
Naye ubengekho emdlaleni we-Arrows ophele sekudlala uSandile Mthethwa noThabiso Sesane emuva.
Uma naye egcina engalulamanga, kuzomele uJose Riveiro enze icebo lokuqhubeka noMthethwa noSesane noma abuyisele no-Innocent Maela.
FUNDA NALA:Â UKekana ukhala ngoMailula okhuhla ibhentshi phesheya
Lo mdlalo osuvele ubhekwe ngabomvu kulandela izimanga ezenziwe yiBucs ngempelasonto, uzoba seMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ngo-6 ebusuku.

