EzakamuvaIbhola

BUKA: Umlandeli uthuke uBongi Hlongwane eshaya igoli

UBongokuhle Hlongwane ubuyele efomini yokushaya amagoli kwiMinnesota United njengoba esenamahlanu kule nyaka.  

Lo mgadli weBafana Bafana odlala kwiMajor League Soccer (MLS) usize iMinnesota ibuye kade seyilandela ngemuva ishaya i-Orlando City ngo 3-2 ngeSonto ekuseni (ngokwesikhathi sakuleli).

UDuncan McGuire ubeke i-Orlando City phambili ngomzuzwana we-14, okube yigoli elishesha kunawo wonke emlandweni waleli qembu. 

Nokho, iMinnesota United iphendule ngemuva kwemizuzu emine ngesikhathi uTeemu Pukki eshaya igoli ukuyibuyisela emdlalweni.

UPukki uphinde washaya igoli ngomzuzu ka-38 elenze kwaba ngu-2-1. UMcGuire ube esephinda elesibili ngomzuzu wama-83 kwaba u 2-2. 

Kulapho ke aqhamuke khona uBongokuhle Hlongwane washaya igoli lokunqoba lo mdlalo sekusele imizuzu engaphansi kwemithathu umdlalo uphele. 

Lo mdlali obegijima kwiMaritzburg ukhombise ubuciko eshaya leli goli abebelidinga ukuze baqoqe amaphuzu aphelele ekuhambeni.

Kodwa kuthe uma ejabulela leli goli lakhe nozakwabo, abalandeli be-Orlando City bacasuka bafa omunye waze wenza uphawu lokumthuka ephakamisa umunwe ophakathi nendawo. 

Buka nansi ividiyo ngezansi: