Isazoqopha indathane yamarekhodi iSundowns
SIHLE NGUBO
IMamelodi Sundowns isethubeni elihle lokuqopha umlando ngokugoqa isizini seyiqukule izindebe ezine.Â
Abafana Ba’Style bayashelela selokhu kuqale isizini ka-2023/2024 futhi kubukeka kukuncane okungabaphazamisa.
EzikaRulani Mokwena zivele sezikunambithile ukuqukula indebe ngokuwina i-African Football League (AFL) ebidlalwa okokuqala ngqa e-Afrika.
Njengamanje iMamelodi Sundowns izihambela yodwa kwiDStv Premiership lapho izihola khona phambili ngamaphuzu angu-45 ngemuva kwemidlalo engu-16 kuphela.Â
Ivule igebe lamaphuzu angu-12 kwi-Orlando Pirates, elele isibili ngawu-33 emidlalweni engu-20.
Akukho okukhombisa ukuthi kukhona okuzophazamisa leli qembu laseChloorkop, elingakashaywa emidlalweni yeligi, kanti lisadlale ngokulingana kathathu kuphela.
NgoMgqibelo iSundowns ibhaxabule iChippa United ngo 2-0 emdlalweni weDStv Premiership eLoftus Stadium.
KwiCaf Champions League izinto ziyihambela kahle nakhona iSundowns.
Isifinyelele kuma-quarterfinal ngemuva kokuhlanganisa amaphuzu angu-13 emidlalweni yamaqoqo.
Nakhona lapha inethuba lokwenza kangcono kunesizini edlule lapho ihluleke khona kweyandulela owamanqamu weChampions League.
Enye indebe esethubeni lokuyithatha iSundowns yiNedbank Cup esesigabeni seLast 16.Â
Le ndebe ingenye yalezo ezihlale ziyiphunyuka iSundowns, ngakho akungabazeki ukuthi umqeqeshi uRulani Mokwena ukulangazelele ukuyithatha.
Emdlalweni weLast 16 yeNedbank Cup iSundowns izokwamukela iMaritzburg United, futhi mahle kakhulu amathuba okuthi idlulele kuma-quarterfinal.
Konke kubukeka kusezandleni zeSundowns ukuthi iziqophele umlando oyohlale ukhunjulwa, ngokuwina izindebe ezine ngesizini eyodwa.
Inesikwati esikhulu esinabadlali abahle, ngakho akuzweli uma kukhona abalimele noma abanamakhadi.
FUNDA NALA:Â UJohnson akabonanga zinto abejikijelwa ngazo abeChiefs
Njengamanje kulimele uKhuliso Mudau noMothobi Mvala, phakathi kwabanye abadlali, kodwa iSundowns iyaqhubeka nokuwina kuyona yonke imiqhudelwano.

