EzakamuvaIbhola

U-Andile Jali ukhonjwa kwelasenhla ne-Afrika 

Uzophinde aphume kuleli ayodlala ngaphandle kwakuleli u-Andile Jali ngesizini ezayo, ngokuthola kweMpempe. 

Lo mdlali wasesiswini onamava ungomunye wabaxoshwe yiMoroka Swallows ngoJanuwari kulandela ukuteleka kwabo ngoDisemba. 

Ngemuva kwalokhu kuxoshwa u-Andile Jali uzamile ukufaka icala kodwa isigungu sePSL ezixazulula izingxabano samchitha. 

Ekhuluma noRobert Marawa muva nje, uJali uveze ukuthi akajahile ukuthola elinye iqembu okwamanje, wathi umi kahle ngokwesimo sezimali. 

Uvele ke uke wadlala phesheya eBelgium iminyaka embalwa, wabuya lapho wadlala komacaphuna kusale iMamelodi Sundowns. 

Ushiye kuyo ekupheleni kwesizini edlule kanti kunezinsolo zokuthi wahamba kungasekuhle neze. 

Wabe esekhonjwa kwizinkunzi zaseSoweto iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates kodwa wagcina ephelele kwiSwallows. 

Usanda kuveza ke ukuthi into eyamhambisela kude neChiefs yimibandela yenkontileka ayenikwa yona eyayithi kumele anikezele kuyo izinkundla zakhe zokuxhumana. 

Impempe seyingakuveza ukuthi kungenzeka uJali aye kwelinye lamaqembu asenhla ne-Afrika alwela ukuba yizingqwele ezwenikazi. 

Yize ebengalijoyina manje leli qembu, kodwa ngokusho komthombo, uzolinda uJuni uma sekufike umqeqeshi omusha kulo njengoba lakha kabusha nje.