EzakamuvaIBafana Bafana

‘Bengingamane ngithole ikhadi elibomvu,’ kusho uMbokazi weBafana

SIHLE NGUBO

Ngizitshele ukuthi ngingamane ngithole ikhadi elibomvu namuhla.’

Lawa kube ngamazwi kaMbekezeli Mbokazi ngemuva kokuthi iNingizimu Afrika ibambane ngo 1-1 neNigeria, emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba, eToyota Stadium, eBloemfontein, ngoLwesibili ebusuku.

UMbokazi ube ngumdlali ovelele kulo mdlalo, futhi bekumfanele njengoba ebevala kwasani emuva.

Ngaphandle kokuvala emuva lo mdlali we-Orlando Pirates uke wazama nokushayela ipali, ibhola laphuma ngaphezulu kwepali.

Lo mphumela ubeka iBafana Bafana ethubeni elihle lokuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba, okokuqala kusukela ngo-2002.

Ngasohlangothini lweNigeria izinto azibukeki zihamba kahle ukuthi ingaya e-USA ngonyaka ozayo.

ISuper Eagles inamaphuzu angu-11 endaweni yesibili, kanti mibili kuphela imidlalo yokuhlunga esele.

Kwamanye amaqoqo amaqembu asendaweni yesibili asenamaphuzu angaphezulu kuka-17 nokwenza izinto zibukeke zingayivuni iNigeria.

Amaqembu azoqeda endaweni yesibili enamaphuzu angcono, azodlala imidlalo yokuhlunga ukuze kuphume iqembu lisekhombisa elizoya kwiNdebe yoMhlaba.

UMbekile ubejabule kakhulu ngemuva komdlalo ekhuluma nabeSuperSport TV.

“Bangifake ngoba bengethemba ngakho bekumele ngenze konke okusemandleni ami,” kusho lo mdlali obizwa ngeTLB.

“Bekuwumdlalo wami wesithathu kuphela kodwa ngiyajabula ukuthi sijabulise abalandeli.”

Igoli lokuqala leBafana Bafana kube umkhonto ogwaze ekhaya, ngephutha likakaputeni weNigeria uWilliam Troost-Ekong ngomzuzu ka-25.

Ngaphambi kokuthi ziye ekhefini ibuyile iSuper Eagles yashaya igoli lokulinganisa, elingqofelwe phakathi uCalvin Bassey ngomzuzu ka-44.

Ekhuluma ngoMbokazi ngemuva komdlalo umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, uzwakalise ukujabula ngendlela adlala ngayo lo mdlali wasemuva.

“Lo mfana uneminyaka engu-19 kuphela. Uma ubona edlala uyazimisela futhi uqinile kakhulu,” kusho uBroos ngemuva komdlalo.

Amazwe ase-Afrika osekunesiqiniseko sokuthi ayaya nakanjani kwiNdebe yoMhlaba, yiMorocco neTunisia.