Yini ezokwenzeka ngoPetersen kwiChiefs, uJohnson uyachaza
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs inengcindezi yokuthathela unozinti wayo, uBrandon Petersen, izinyathelo ngemuva kokungaziphathi kahle emdlalweni womkhaya ne-Orlando Pirates, ngoMgqibelo.
Lo nozinti ubonakale kwithelevishini ethethisa ngesihluku umqeqeshi wakhe, uCavin Johnson, kulandela ukushaywa kweChiefs yi-Orlando Pirates ngo 3-2 koweDStv Premiership.
Akwaziwa ke ukuthi ubethini uBrandon Petersen kumqeqeshi ngemuva komdlalo kodwa okwenzekile akubukekanga kahle.
Ebuzwa ngalesi sehlakalo, uCavin Johnson uzamile ukusinyathela, wathi yinto ejwayelekile yasebholeni le eyenzekile.
“Bekuyingxoxo ejwayelekile nomqeqeshi. Sihluliwe. Yini ke pho esiyibangayo?,” kusho uJohnson.
“Yinto ejwayelekile. Nambona uKevid De Bruyne etshela uPep Guardiola ukuthi akavale umlomo?
“Yinto ejwayelekile le. Ngifuna abadlali bami bakhombise ngandlela thile uma sihluliwe.”
Ngokusho kukaCavin Johnson, yiyonanto ayifunayo le eyenzekile uma behluliwe ngobaikhombisa uthando lwabadlali.
“Ngifuna bakhombise. Uma bekwenza kimina lokho, yinto engiyithwalayo emahlombe ami.
“Kusasa sizoyixazulula leyo noma ngabe beyimayelana nani – yinto yebhola.
“Angifuni babe amagundwane, kumele babe ngabantu bese bezokubuza (uma kukhona abangeneme ngakho).
“Nami kumele ngibabuze ngoba uma nidlala phambi kwabantu abangu-100 000, akekho ozwa omunye. Ilaba badlali abngu-11 abasenkundleni okumele basebenze.”
IChiefs iye ekhefini ihamba phambili ngo 2-1 kulo mdlalo. Nokho aphendukile amatafula ngesiwombe sesibili iPirates ishaya amagoli amabili, agcina eshayiwe Amakhosi kulo mdlalo obushisa.
Mhlawumbe yikho lokhu okucike uBrandon Petersen, obonakale edinwe egane unwabu ngesikhathi sekuphele umdlalo.
U-Itumeleng Khune usanda kubuyela eqenjini ngemuva kokumiswa isikhathi eside engazimbandakanyi nalo.
Lo nozinti onamava kwavela ukuthi wafika ejimini yeChiefs enuka utshwala, nokuyinto egcine imfake obishini.
Uphucwe ibhande likakaputeni wase eyalelwa ukuthi alandele uhlelo oluthile lokuhlumelelisa isimilo sakhe.
Ubejima yedwa ngesikhathi emisiwe waze wabuya ngesonto elidlule.
BUKA: OweChiefs ususe umsindo ‘ethethisa’ umqeqeshi
Kuzobhekwa ukuthi yikuphi okuzokwenziwa yiChiefs ngoBrandon Petersen, ngoba akwenzile bekubukwa yize lonke.

