Ubani ozovala isikhala sikaMaart njengokaputeni weChiefs?
SIHLE NGUBO
Ukaputeni weKaizer Chiefs, uYusuf Maart, akahambanga neqembu ukuya eNetherlands ngoLwesine ngoba kunezinhlelo ezihlukile ngaye ngesizini ezayo.
Amakhosi afike ngoLwesihlanu eNetherlands lapho eyolungiselela khona isizini entsha yeBetway Premiership.
Leli qembu laseNaturena lisanda kumemezela abadlali abasha okukhona kubona uFlavio Silva, uNkanyiso Shinga, u-Ethan Chislett, uThabiso Monyane, uPaseka Mako, uSiphesihle Ndlovu, u-Asanele Velebayi noLuke Baartman.
NgoLwesihlanu kuvele ukuthi iChiefs seyihlukene no-Edmison Castillo, okwenza ibe nophawini wokusayinisa omunye umdlali wangaphandle.
Nokho izindaba ezinkulu ezokuthi leli qembu eliqeqeshwa uNasreddine Nabi, lingase lilahlekelwe ukaputeni walo uMaart.
Lo mdlali wasesiswini uthathe iso leSV Ried esanda kukhushulelwa esibeni esiphezulu, i-Austrian Bundesliga.
IChiefs kuthiwa seyivumelene neqembu lase-Austria ngokudayiselana lo mdlali oneminyaka engu-29 oke wayibamba kwiSekhukhune United.
Kuthiwa konke sekuqediwe osekusele ukuthi athole i-visa yakhe bese alibangise e-Austria.
UMaart ube nesandla kakhulu ekutheni iChiefs inqobe iNedbank Cup ngoMeyi.
Ushaye igoli lokunqoba ngesikhathi beshaya i-Orlando Pirates ngo 2-1 kowamanqamu eMoses Mabhida Stadium.
IChiefs izohlala amasonto amabili eNetherlands, idlala imidlalo yokungcweka, bese ibuyela eNingizimu Afrika.
Izobe seyibhekana ne-Asante Kotoko yaseGhana emdlalweni weToyota Cup, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoJulayi 26.
Kuzocaca maduze ukuthi ubani izoba ukaputeni weChiefs uma egcina ehambile uMaart.
Phakathi kwabadlali okungabhekwa kubona, kukhona uReeve Frostler, u-Inacio Miguel noRushwin Dortley.

