‘Uvume’ uHunt uMokwena iDowns ibanjwa yiSuperSport
Ekupheleni komdlalo uRulani Mokwena uhambe ‘wayovuma’ uzakwabo weSuperSport uGavin Hunt ngokumnika umdlalo onzima.
Phela iSundowns izame wonke amaqhinga ayo ukudlubulundela kulo mdlalo, kodwa kwasho ukuthi ifice uchakide omdala kuHunt.
Lo mdlalo womkhaya basePitori uphele zibambene ngo 1-1 futhi kucaca ukuthi noma bewungaqhubeka ayikho ebizogoba uphondo.
Indlela amxhawule ngayo uHunt uMokwena emnqkuzisa nekhanda, ikhombisile ukuthi uyayivuma lengqwele ekade yayiphekwa.
Kuke kwabukeka iSundowns izoqhubeka kalula nomgqigqo wayo wokuzinqobela kalula nje emidlalweni yeDStv Premiership njengoba beyilawula umdlalo.
Akuthusanga ukuthi ithole igoli lokuthi ihambe phambili ngomzuzu ka-30 ngesikhathi uTebogo Mokoena ededela udalimede engaphandle kwebhokisi.
Ulizwe ngoba selihaza enethini uWashington Arubi ukuthi sekonakele. Nokho akuthathanga kude ukuthi ibuye iSuperSport kulo mdlalo.
UBradley Grobler uzithole zithothobele izitobha zeSundowns kade kuyibhola elibekwe phansi, walingqofela enethini.
Bekusaphele imizuzu emine kuphela iSundonws ithole elayo igoli. Zombili zizamile ukuthola elokunqoba lo mdlalo, kodwa kwala khona ukwenza.
FUNDA NALA: Uzoxoshelwa ‘ukungezwa’ kwiStellies owalaxazwa yiChiefs
Zigcine zicazelene amaphuzu lezi zinkunzi zaseTshwane futhi mhlawumbe lona ngumphumela ozowenelisa womabili amaqembu.

