Ezimbi kwiChiefs ngomdlali olimele
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs igqemeke engeqiwa ntwala ngomdlali wayo waseswini u-Edson Castillo.
Leli qembu liqinekise ukuthi uCastillo uchachambe ithambo ngesikhathi ekeqwa umdlali weSuperSport United esebhokisini ngoMgqibelo emdlalweni weBetway Premiership.
Kuvela ukuthi uzohlala izinyanga ezine kuya kwezinhlanu engalithinti ibhola. Kulo mdlalo iChiefs igcine ishaywe ngo 1-0
Ukulimala kukaCastillo kungase kuvulele intuba uSibongiseni “Ox” Mthethwa obengakadlali selokhu kuqale isizini.
Lo mdlali, ofike kwiChiefs evela kwiStellenbosch FC, kubukeka sengathi akekho ezinhlelweni zomqeqeshi waleli qembu laseNaturena, uNasreddine Nabi.
UMthethwa ufike eNaturena kubhekwe kukhulu kuyena kodwa ubengakakwenzi lokhu abalandeli abebekulindele. UNabi ubukeka ethanda uSamkelo Zwane esiswini, ovamise ukuqala nokaputeni uYusuuf Maart.
Nokho uMaart unamaphutha amaningi nokuyisizathu esenze ukuthi aqale ebhentshini bebhekene neSuperSport. Ungene ngoba sekulimele uCastillo.
IChiefs izozama ukuvuka izithathe uma seyibhekene neMagesi FC emdlalweni weBetway Premiership eNew Peter Mokaba Stadium, ngoLwesithathu ngo- 7.30 ebusuku.
Omakoti bePremiership basematheni kulezi zinsuku kulandela ukushaya i-Orlando Pirates ngo 3-2 emdlalweni weCarling Knockout Last 16 emasontweni edlule.