Phakama John Commitis, isikhathi sakho manje
SIHLE NGUBO
Usihlalo weCape Town City, uJohn Commitis, ngibona kunguyena ongasivala thanqa isikhala sika-Irvin Khoza sokuba ngusihlalo wePremier Soccer League (PSL).
Kusanda kuvela ukuthi u-Irvin Khoza angase angalungeneli ukhetho lukasihlalo wePSL ngoNovemba nonyaka, ngoba usefuna ukungazixini kakhulu ngomsebenzi.
Akekho ongazi ukuthi lo sihlalo usesebenze kakhulu ethuthukisa izinga lePSL, nokwenza iDStv Premiership ibalwe namaligi ahamba phambili e-Afrika. Nasemhlabeni le ligi ayithathwa neze kancane.
Kuyaziwa futhi ukuthi abaxhasi bamethemba kakhulu u-Irvin Khoza, nokuyikona okwenza batatazele njengoba kunamahemuhemu okuthi angase angaqhubeni nokuba usihlalo wePSL.
Akukho ukungabaza ukuthi kuzoba nzima kakhulu ukuvala isikhala esizovuleka ngokushenxa kukaKhoza ekubeni ngusihlalo wePSL.
Nokho uJohn Commitis ungomunye wabantu asebebe khona isikhathi eside esigungwini esiphezulu sePSL.
Akukho angakwazi okwenzeka kule nhlangano futhi uyena umuntu obukeka engababamba abaxhasi, bangabaleki ngoba sekuhambe uKhoza.
Lesi sikhundla sidinga umuntu oqinile, onenkani noyaziyo into ayenzayo, uma kukhulunywa ngonobhutshuzwayo eNingizimu Afrika.
Lokhu usekukhombise kaningi uJohn Commitis, kwezinye izikhathi ephikisana nayo ngqo iPSL.
Akazange avume ukuthi le nhlangano kugcine yona ngesikhathi ishaya amakhala ngokuthi iCape Town City isixhaswe yiFNB.
Babengayizwa leyo kwiPSL kodwa uJohn Commitis waqinisa ikhanda, kwaze kwayiswana enkantolo.
ICape Town City yaliwina icala enkantolo nokuyingakho namanje isaqhubeka nokuxhaswa yiFNB, yize iPSL yayingafuni.
Amanye amaqembu aseke ayekiswa abaxhasi abathile ngoba iPSL ithi kunokushayisana nabaxhasi bayo.
IMoroka Swallows yagcina ingaxhaswanga yiTelkom ngakho lokho ukuthi iPSL yashaya phansi ngonyawo.
Konke lokho bakugcina kuzona iZinyoni, uJohn Commitis wangavuma ukuthi badlalele kuyena neqembu lakhe.
BUKA: UThabiso uthembisa ingcwenga yesibhakela
I-PSL idinga umuntu onjaloke, ongenayo inkani nje kuphela, kodwa ulwazi lwakhe lwebhola kumele lungangabazeki. Akasithathe lesi sikhundla uJohn Commitis, iPSL iyoqhubekela phambili kakhulu noma engasekho umuntu oyikhulisile, u-Irvin Khoza.

