EzakamuvaIbhola

IPirates ingase ilahlekelwe umqeqeshi ofunwa phesheya

Abaphathi be-Orlando Pirates baphezu komsebenzi wokuhlanganisela umqeqeshi uJose Riveiro inkontileka entsha njengoba befisa aqhubeke kuleli qembu.

Lokhu kukhuthazwe wukuthi sebehoshe umoya wokuthi kunamaqembu angakubo e-Europe aseqalile ukuzidlisa satshanyana kuye. 

Ngokombiko wePhakaaathi, ukwenza kahle kukaRiveiro kumaBhakabhaka kudonse amehlo eqembu elilodwa eSweden, nelinye eFinland, lapho ayeqeqesha khona iHJK Helsinki ngaphambi kokuza kwiBucs.

URiveiro usenqobe izindebe ezintathu selokhu afika kuPirates, nokuyinto enkulu ayizuzile njengomqeqeshi.

Ngokusho komthombo, iPirates ayizimisele ngokudedela uRiveiro, futhi leli qembu lifuna ukumelulela inkontileka, bamnike eyesikhathi eside.

“Akuthusi ukuthi umqeqeshi uJose usehehe amehlo alamaqembu,” ucashunwe usho kanje umthombo.

“Wenze umsebenzi omuhle kwiPirates. Iqembu lizinzile futhi konke kuhamba kahle.

“Ukwazile ukwakha iqembu esiqinile futhi uyabona ukuthi kunenqubekela phambili.

“Yingakho abaphathi befuna ukumgcina isikhathi eside,” kuqhuba lo mthombo. 

“Kunohlelo lweminyaka eyisithupha olunezinjongo futhi usekwazile ukukwenza okunye kwalokho okubhekwe kuye. 

“Usewine imiqhudelwano yomkhumulajezi kanti kukhona nezinye izinto okumele azifeze nabakholwa wukuthi uzokwazi ukuzenza ngokuhamba kwesikhathi.”