Kungaguga iphakethe uma iChiefs ilanda uPitso noTau
IKaizer Chiefs ifuna umqeqeshi omusha futhi iyashoda kubagadli – lokho yinto engeke ifihlwe ngoba isobala.
Ukuvela kwezindaba zokuthi uPitso Mosimane uzobe engenaqembu ekupheleni kwesizini sekususe isasasa kubalandeli baleli qembu.
Kuyaziwa ukuthi sesiside isikhathi benxenxa leli qembu ukuthi lilande lo mqeqeshi ukuzolihlangula njengoba libhinjelwa yizinto nje.
Imemenja kaPitso Mosimane, uMoira Thlagale, ongunkosikazi wakhe lo mqeqeshi, utshele abeSunday World ukuthi lo mqeqeshi uzobe engasenaqembu ngoJuni.
Usayine inkontileka yezinyanga ezine kwi-FC Abha yaseSaudi Arabia emlandele ukuzoyivikisa izembe.
Ngempelasonto kuvele ukuthi uPercy Tau naye angase ashiye kwi-Al Ahly yase-Egypt ekupheleni kwesizini.
Lokhu kungenxa yokuthi inkontileka entsha leli qembu elifuna ukumnika yona ayimenelisi.
Naye ke uTau ngomunye wabadlali abalandeli beChiefs abangakujabulela ukumbona emabhukwini aleli qembu laseNaturena.
Kodwa ngabe leli qembu lingakwazi ukuzikhona izindleko zokulanda lo mqeqeshi onamava nofunwa ndawo zonke?
Bese ngaphezu kwakhe lithole noTau ongomunye wabadlali abahola kahle ebholeni lase-Afrika?
UTau eyedwa kungadingeka iChiefs imholele imali ebalelwa ku-R23.2 million ngonyaka okuyimali ebalelwa ku-R1.93 million ngenyanga.
Ukhumbule ukuthi lapha ayibaliwe imali eyisibonelelo sokusayina enikwa umdlali uma eqeda kusayina neqembu.
NgoPitso Mosimane leli qembu kungafuneka lizinikele ekutheni lizokhokha imali elinganiselwa ku-R50-million ngonyaka.
Lokhu kungenxa yokuthi uPitso ngeke esalithatha iholo elingaphansi kuka-R3-million uma ebuyela kuleli.
Lo R3-million yiwona abewuhola kwi-Al Ahli yaseSaudi Arabia ngonyaka odlule kanti kufanele ukuba sewunyukile kakhulu kumanje.
Into eyenze anqabe ukusayina izinyanga ezingu-18 kwi-Abha yikho ukuthi imali bebezoyinyusa kodwa ingafiki kule ayibhekile yena.
Ngaphezu kwalokho, uPitso uhamba nethimba lakhe nalo okungamele cishe leli qembu libeke noma u-R120-million wokuholela lona ngonyaka.
FUNDA NALA: Kusolwa inkohlakalo ‘kuxhoshwa’ umdlali obebizwe kwiBeach Bafana
Lapha asiyifakile imali yesibonelelo abayitholayo uma besayina inkontileka neqembu.

