Zisulekile izinyembezi kuSimbine benqoba isiliva kwiRelay
SIHLE NGUBO
U-Akani Simbine ugcine eyitholile indondo kuma-Olympic kulandela ukunqoba indondo yesiliva kweNingizimu Afrika kwi-4×100 Relay eParis eFrance, ngoLwesihlanu.
Ebambisene noBayanda Walaza, uShaun Maswanganyi noBradley Nkoana, uSimbine ugile izimanga ecisho ebuya negolide kulo mjaho kodwa kwagcina kuyiCanada edle umdlanganiso. Iqembu lasekhaya iFrance, nezethenjwa i-USA abalibonanga elidlalayo.
Akungabazeki ukuthi uSimbine uzosuleka izinyembezi kulandela ukugejeka kancane kwi-100m lapho ephume khona isine. Kulo mjaho umhlanganiso wadliwa unontandakubukwa uNoah Lyles wase-USA.
Ukubuya nesiliva kweNingizimu Afrika kwiRelay 4×100, kusho ukuthi iqembu lakuleli eliyibambe kuma-Olympic selinezindondo ezinhlanu. Lokhu kuzokwenza ukuthi libuye lihloniphekile kule midlalo esongwa ngeSonto eParis.