IChiefs ingase ihlukane nesiqongqwane somdlali wasemuva maduze
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs ingase ilahlekelwe uThatayaone Ditlhokwe obeseqala ukuthola ifomu enhle eqenjini njengoba ebesesithola njalo isikimu kuleli qembu laseNaturena.
Kuvela ukuthi izinkunzi zaseLibya, i-Al Ittihan, sekusele kancane ziqede konke nalo mdlali oneminyaka engu-26 ongowokudabuka eBotswana.
Leli qembu lizama ukusayinisa uDitlhokwe ngokushesha ukuze lingashaywa ukuvala kwewindi lokuhwebelana ngabadlali ngoMsombuluko (ngoFebhuwari 17).
Kwenzeka konke lokhu nje lo mdlali, ofike kwiChiefs evela kwiSuperSport United, ubesedlala kwesokunxele emuva uma engekho uBradley Cross okunguyena obethola isikimu njalo ngesikhathi kuqala isizini.
Ukuhamba kwakhe kungasho ukuthi iChiefs izosala naye uCross, uHappy Mashiane noBongani Sam, okwagcinwa elimele, kwesokunxele emuva.
Omunye umdlali okhona u-Edmilson Dove ongakaze adlale kule sizini ngenxa yokulimala. Inkontileka kaDove izophela ngoJuni kodwa ngeke kumangaze uma ivuselelwa njengoba kungase kuhambe uDitlhokwe.
I-Al Ittihan yiqembu elihlonishwayo ebholeni laseLibya. Seyinqobe izicoco zeligi kawu-19, kanti isendaweni yesine kwilogi njengamanje.