UMhlathuze Sports Complex awukulungele ukusingatha eyePremiership
SIHLE NGUBO
Inkundla yasekhaya yeRichards Bay FC, uMhlathuze Sports Complex, ayikakulungeli ukusingatha imidlalo yeBetway Premiership njengoba kuqala isizini entsha ka-2025/2026.
Lokhu kuhlaluke ngesikhathi kunemidlalo yeKZN Premier’s Cup ngempelasonto edlule, lapho abaningi bekhale khona ngesimo senkundla.
Ngaphandle kwesimo sotshani obuqothukile, kukhalwa nangokuthi akukho nowodwa umpheme kule nkundla ekubeni kuyaziwa ukuthi isimo sezulu sibuye sishintshe.
Leli qembu likhiphe isitatimende lapho liqinisekise ukuthi umdlalo walo wokuvula isizini neMarumo Gallants ngempelasonto, ngeke udlalelwe kule nkundla.
“IRichards Bay FC iyadumala ukumemezela ushintsho emdlalweni wayo wasekhaya wokuvula weBetway Premiership neMarumo Gallants ngoMgqibelo (Agasti 9),” kusho isitatimende esithinyelwe yiqembu.
“Ngemuva kwemidlalo yeKZN Premier’s Cup, edlalwe emvuleni ngempelasonto edlule, inkundla ilimale kakhulu.
“Lokhu kuphoqe ukuthi kushintshwe inkundla okuzodlalelwa kuyona ukuze le (uMhlathuze Sports Complex) inikwe isikhathi sokubuyela kahle esimeni.
“Umasipala waseMhlathuze nalabo abalungisa inkundla, basebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi inkundla izobe isilungile ukusingatha umdlalo olandelayo wasekhaya neChippa United, ngo-Agasti 26.”
INatal Rich Boyz ayivezanga esitatimendeni ukuthi umdlalo wayo isiwuthuthele kuyiphi inkundla.
Nokho ngesizini edlule leli qembu laseMhlathuze belidlalela imidlalo yalo yasekhaya eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, nokuyilapho uhla lwemidlalo yePremieship luwukhomba khona lo mdlalo.
IBay iwashiswe ijezi yiMamelodi Sundowns kwiMTN8, eyibhaxabule ngo 4-0 kwi-quarterfinal ePitoli ngeSonto.
ISundowns seyizobhekana ne-Orlando Pirates emdlalweni owandulela owamanqamu weMTN8, oyimilenze emibili.
Komunye umdlalo weMTN8 oyimilenze emibili kuzobhekana iStellenbosch FC neSekhukhune United.
Le midlalo uzokuba ngempelasonto ka-Agasti 16/17 eSoweto naseKapa emilenzeni yokuqala ngokwahlukana.

