EzakamuvaIbhola

UMfundo Vilakazi uveza isifiso sakhe esikhulu ngeChiefs

Isihlabani esisafufusa seKaizer Chiefs, uMfundo Vilakazi, sizibekele umgomo omkhulu naleli qembu laseNaturena.

Uthi uhlose ukusiza leli qembu lingene kwiCaf Champions League ngesizini ezayo. 

Ufuna nokusiza iqembu lakuleli labafana baneminyaka engaphansi kuka-20 lingene kwi-Under 20 Africa Cup of Nations.

Yizifiso ezinkulu lezi kulo mdlali oneminyaka engu-18 njekuphela nosanda kukhushulelwa eqenjini elikhulu kwiChiefs. 

UMfundo Vilakazi ukhombise ukuzethemba okukhulu, okubonakala ngokudlala kahle kwakhe ngesikhathi eseqenjini laMajita okokuqala. 

Nokho lokhu kuzethemba akumangazi, uma kubhekwa amagxathu abalulekile awathathile ezinyangeni ezimbalwa ezidlule.

Ngemuva kwekhefu le-Afcon, uVilakazi ukhushulelwe eqenjini elikhulu kwiChiefs ngaphansi komqeqeshi wesikhashana uCavin Johnson. 

Kusukela lapho, udlale umdlalo wakhe wokuqala ezingeni elikhokhelayo waphinde wadlala nakwiDabhi yaseSoweto eFNB Stadium egcwele izinkulungwane zabalandeli.

Yize isizini inzima kuMakhosi, futhi emancane amathuba okuthi athole isicoco, kodwa uVilakazi usanethemba. 

Uzimisele ngokufaka isandla emizamweni yaleli qembu yokuthola indawo yesibili kwiDStv Premiership. 

Lokhu kuzohlahla indlela yokungena emqhudelwaneni wamakilabhu ohamba phambili e-Afrika – iChampions League.

“Ezinye zezinto engithanda ukuzizuza ezingeni le kilabhu wukuqinisekisa ukuthi sizama ukunqoba yonke imidlalo esele.

“Lokho kuzokwandisa amathuba okuthi siqede sisendaweni yesibili bese siphinde sidlale kwiCaf Champions League,” kusho lo mdlali osemncane.

“Ngokweqembu lesizwe (manje njengoba ngilapha neqembu labaneminyaka engaphansi kuka-20), ngifisa nje ukuthi senze kahle futhi singene kwi-Afcon ezayo.”

UMfundo Vilakazi ubheke ukuphinde athole ithuba lokudlala kwiChiefs emdlalweni weligi uma isidudulana neCape Town City.

IChiefs izovakashela iCape Town City e-Athlone Stadium ngoMgqibelo emini emdlalweni ovamise ukushisa nokushuba.