EzakamuvaIbhola

Kuvela okwenza uClive Barker ayeke amasudi ebhentshini

Alfred Ngubane

UClive Barker waxoxela inkakha yak “Pro” Ngubane ukuthi kungani engawagqoki amasudi namayembe adulayo uma ehleli ebhentshini ekhomoza iqembu lakhe. 

Le nkakha yomqeqeshi ifihlwe ngoLwesine ngemuva kwenkonzo yokumhlonipha e-Olive Convention Centre eThekwini. 

Ushone ngoLwesihlanu olwedlule ngemuva kokuxinwa wukugula isikhashana impela. Unconyiwe ngemisebenzi yakhe emihle uClive Barker. 

UNgubane, ongomunye wezinkakha ezihlonishwauyo kuleli, utshele Impempe ngesigameko esenza uClive Barker ahlukane namasudi, agqoke ama-track suit. 

“Wathi wakhuthuzwa nguDolly Nqetho wathatha isikhwama semali namakhadi asebhange,” kulanda uNgubane. 

“Kusukela ngalelo langa akaphindanga wafaka isudu ngenxa yalesi sigameko esamehlela. Wathi ukube wayezishiye ekhaya lezi zinto zazingeke zilahleke.” 

Okuhlekisayo ke ngalolu daba wukuthi uNqetho lo osolwa ngokuthatha ngozwane wayengumdlali waMaZulu FC eqeqeshwa nguye uClive Barker.

“Yenzeka kanje lento. AmaZulu ashaya igoli, abadlali bajabula ngokuqukula uBarker, wasebenzisa lelo thuba ke ukumkhuthuza.” 

UBarker uchazwe cishe yizo zonke izikhulumi enkonzweni yesikhumbuzo sakhe njengomuntu obenomoya omuhle ezithandela amancoko. 

UDoctor Khumalo, owaba ngumdlali odume cishe kunabo bonke kwiBafana Bafana ngesikhathi inqoba i-Afcon ngo-1996 icijwa uBarker, uze wachiphiza izinyembezi. 

Ubezisola ngokuthi abazange bamtuse ngokwanele esaphila lo mqeqeshi owayefana nobaba kubo. 

“Simenzele phansi uClive, asizange simphakamise ngokufanele. Nokho engingakusho ukuthi ngiyabonga kuClive ngokuthi abumbe iqembu lango-1996 nokuthi u-90% walo uphumelele ukuyodlala phesheya ngempumelelo,” kusho uDoctor Khumalo.

FUNDA NALA: Kuhlengezele izinyembezi kuShaun Bartlett ebonga umkakhe

“UClive ubengumyeni, engubaba, engumkhulu kanti nakithina ubefana nobaba singabadlali. Othandayo angasho ukuthi kukhona umqeqeshi ongaphezu kukaClive, ngingavuma, kodwa ngiyohlale ngimhlonipha.”