EZINGENA MANJE: UKhoza uyifaka endalini i-Orlando Pirates
Basakhungathekile abalandeli be-Orlando Pirates kulandela ukuthi usihlalo weqembu ebatshele ukuthi useyaliyeka yena ibhola.
Kuthiwa uKhoza ubabizele emhlanganweni bonke abasebenzi beqembu, okufaka nabadlali, ezobatshela lezi zindaba.
Kuvela ukuthi ukhale ngeminyaka, wathi ayisavumi ukuthi engaqhubeka nokuphatha leli qembu.
“Uthe akabethembi abafana bakhe ukuthi bazokwenza umsebenzi omuhle uma ebashiyela leli qembu,” kusho omunye wabasebenzi ocele ukungavezwa.
“Kumanje wonke umuntu udumele ngoba asazi ukuthi lo ozolithenga iqembu uzokwenza kanjani.
“Mhlawumbe uzosixosha sonke nje, aqashe abantu bakhe naye azobathemba ekutheni bakhulise iqembu.”
Okhulumela leli qembu, uThandi Merafe ukuvumile naye ukuthi liyadayiswa, wathi sekukhona noseqalile izingxoxo zokulithenga.
“Impela kuyiqiniso ukuthi namuhla umhla ka-1 ku-Ephreli, okuwusuku lokukhohlisana nje ngenhloso yokudlala.
“Nale ndaba iyihlaya nje elibhalwe ngoba kuyilolu suku,” kusho uMerafe.
FUNDA NALA: Kubhimbile kwiPirates, uRiveiro uphoxwe abanike ithuba
Ebuzwa umhleli ngalokhu, uvele wabeka ngamafuthi wathi, ‘hhayi, siyazidlalela nje ngoba kuyi-April Fools Day’.

