UJohnson ubabaza uSithebe ‘osendleleni’ kwiChiefs
Umqeqeshi obambile kwiKaizer Chiefs, uCavin Johnson usale ebambe ongezansi ngebhola elimangalisayo elidlalwe uSiyethemb Sithebe ngempelasonto.
Njengoba izethenjwa zikaJohnson esiswini, oYusuf Maart no-Edson Castillo bebengekho,
uJohnson uqalise uSithebe umdlalo.
Bekungokwesibili kule sizini lo mdlali oneminyaka engu-31 eqala umdlalo kule sizini.
Wayegcina ukudlala emdlalweni wokuqala wesizini bebhekene neMamelodi Sundowns ngaphansi kukaMolefi Ntseki.
Ukungadlali kwakhe, kuhlangene nokuthi inkontileka yakhe iyaphela ngoJuni futhi iqembu alikasho lutho, kususe amahlebezi okuthi uzodedelwa kuleli qembu.
“Angazi ukuthi kungani (uSithebe) esadlale umdlalo owodwa,” kusho uJohnson ngemuva komdlalo wezakhe neCape Town City.
“Ngicabanga ukuthi kusukela ngeSonto, ubesebenzela ukuqala umdlalo.
“Namuhla uthole ithuba lakhe; kufanele ngimnike 10/10; wenze kahle kakhulu namuhla.
“Ngethemba ukuthi uzohlala enjena emidlalweni engu-10 elandelayo.
“Ngangihlale ngisho lokhu, ‘ngizozama ukunikeza wonke umuntu ithuba ngisekhona’.
“Futhi uma bedlala futhi benza kahle, kukukhombisa ukuthi kungani iqembu (iChiefs) libathengle kwasekuqaleni.” kusho uJohnson.
Kuzodonsa amehlo ukubona ukuthi uJohnson uzomqalisa yini futhi uSithebe emdlalweni olandelayo.
FUNDA NALA: Unemibono yokuyinyusela phezulu iPSL uJohn Commitis
OMaart noCastillo bazobe sebebuyile ekumisweni uma iChiefs seyibhekene neStellenbosch FC ngoLwesibili ebusuku.

